Isolezwe

URamaphosa ubeke phambili ubumbano lwe-ANC kunezwe

-

NGOMSOMBUL­UKO uMengameli Cyril Ramaphosa wenze izinguquko kwiKhabhin­ethi ebezilinde­lekile kusukela awina ukhetho lokuba nguMengame­li we-ANC.

Kusukela esakhankas­a kuze kufike enkulumeni yakhe yokuqala ayethule esizweni, uRamaphosa ubelokhu eshumayela ivangeli lobumbano kwiANC nokukhucul­ula inkohlakal­o kuhulumeni.

Emva kwesimemez­elo sangoMsomb­uluko, akekho ongakungab­aza ukuthi ukulwela ubumbano kuKhongolo­se yikona okuhamba phambili kuyena njengoba kukhona ongqongqos­he abagcinile irekhodi labo libe licacisa ukuthi bekufanele baxoshwe.

ONksz Bathabile Dlamini, osephethe uMnyango wabeSifaza­ne, uNkk Nomvula Mokonyane, osengamele uMnyango wezokuXhum­ana, noMnuz Malusi Gigaba, obuyiselwe kowezaseKh­aya, phezu kobufakazi bokuthi kukhona angakuhamb­isanga kahle ngesikhath­i ewuphethe okokuqala.

Akufanele ukuba ngabe basengongq­ongqoshe ukuba ukukhuculu­la kuhulumeni yikona obekuseqhu­lwini. Yebo, inkohlahla­kalo kuhulumeni ayenziwa ngongqongq­oshe kuzwelonke kuphela kodwa ubengenza isibonelo ngabo.

Ikhona yona imizamo yokulungis­a umonakalo owenzeke ngesikhath­i sikaMnuz Jacob Zuma njengokuqo­kwa koMnuz Nhlanhla Nene ukuthi aphinde azophatha uMnyango wezeziMali. Kuyancomek­a nokuxoshwa koMnuz Des van Rooyen, Fikile Mbalula, Mosebenzi Zwane, David Mahlobo noNksz Faith Muthambi.

Uma kuthiwa kuyakhucul­ulwa, silindele ukuthi kwenzisisw­e hhayi ukuthi kunyanyala­twe ngoba awukwazi ukushanela ukhiphe izibi kodwa ezinye uzishiye endlini kulokhu kuhanjwa phezu kwazo ngoba zizophinde zingcolise.

Abantu bayajabula ngokuqokwa koMnuz Bheki Cele njengoNgqo­ngqoshe omusha wezamaPhoy­isa. Kodwa akukhunjul­we ukuthi wathini umbiko wowayenguM­vikeli woMphakath­i, u-Adv Thuli Madonsela, ngoCele mayelana nenkontile­ka yokuqashis­a ngebhilidi elalisetsh­enziswa ngamaphoyi­sa. Umbiko waholela ekuxoshwen­i kwakhe.

Ngalesi simemezelo kucacile ukuthi uRamaphosa ubeke kakhulu ubumbano kwi-ANC ngaphezu kwezwe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa