Ngenzenjani, umyeni wami weminyaka uthanda abesilisa
EZOTHANDO
UMBUZO: Ngineminyaka engu-42, ngithandana nendoda eganiwe. Angiyitholi indoda ngisho sengizama. Kuba buhlungu uma eseya kunkosikazi wakhe ngezimpelasonto ngoba asibe sisakhuluma kuze kushaye uMsombuluko.
Sesineminyaka emihlanu sithandana. Angazi ngenzenjani ngoba ngiyamthanda kodwa iyangihlupha eyokuthi ekugcineni uphelela kumkakhe futhi anginalo ilungelo lokumlwisa ngoba ngangena ngazi.
Igama ligodliwe Impendulo: Umuhle kodwa ngoba uyalikhuluma iqiniso. Ungene kulobu budlelwano wazi ngakho awunalo nelincane ilungelo lokuzikhethela ukuthi ufunani.
Uthi awuyitholi indoda ngisho usuzama? Uzama kanjani ukuthola indoda? Le yona wayithola kanjani? Iminyaka emihlanu uhlezi nendoda yomunye umuntu miningi kabi. Uma ucabanga unkosikazi wakhe uyozizwa kanjani mhla wathola ukuthi umyeni wakhe unentombi enguwe yeminyaka emihlanu? Akukuhle ukwenza into kubantu wena ongeke uyithande uma yenziwa kuwena. Sibona kungekuhle ukuqhubeka nale mpilo. Umbuzo: Nginenkinga yokuthi unkosikazi wami akengethembi. Ngike ngangathembeka kuyena eminyakeni edlule kodwa ngalibona iphutha lami ngashiya konke phansi ngabheka yena nje kuphela.
Ngiyazi ukuthi engakwenza kwaba iphutha. Ngiyamthanda futhi angizimisele ukuthandana nomunye umuntu ngaphandle kwakhe.
Ngiyafisa sengathi isimo singabuyela emuva ngoba nokuya ocansini sekuyivela kancane lapha ekhaya.
Igama ligodliwe Impendulo: Ukungathembeki komunye nomunye kunomthelela omubi emshadweni. Okokuqala nje abantu babhekana nesimo sokungathembeki ngezindlela ezahlukene. Abanye kubathatha isikhathi eside kunabanye ukudlulisa uma kukhona obengathembekile kubona kanti abanye bayashesha ukudlulisa.
Unkosikazi wakho waphoxeka ngesenzo sakho ngale ndlela yokuthi akakakholwa namanje ukuthi wawungenza into enjengale kuyena. Okuchaza ukuthi udinga isikhathi esanele sokuthi aphole.
Ngakho mnikeze leso sikhathi sokuthi aze akwazi ukudlulisa lokhu owakwenza kuyena. Sinicebisa ngokuthi nibonane nomeluleki wemishado, noma umfundisi wenu esontweni ukuze nithole umkhomba-ndlela ngalolu daba. Kodwa wena awunalo ilungelo lokumsheshisa ukuthi aphole. Umbuzo: Ngithandana nobhuti osekhulile kanti nami cha, isihambile iminyaka. Sesineminyaka emibili sindawonye. Siqale konke kuhamba kahle. Inkinga iqala uma sengibona ukuthi unokuthanda abantu besifazane kakhulu. Ucingo lwakhe luhlezi luvaliwe uma enami. Uma kwenzekile wakhohlwa ukuluvala ubona ngokuthi aluzibe uma lukhala.
Angazi ngempela ngithini ngoba senginabantwana asebekhulile, angizimisele ukuphinde ngibavezele omunye umuntu. Bese ngizitshela ukuthi sengimtholile umaqondana wami emuva kokuhlukana nobaba wabantwana bami. Manje sengiqale phansi nendoda eneso elibukhali. Kuthiwani uma kunje?
Igama ligodliwe Impendulo: Uthando lufika noma yinini kumuntu. Ungalinge ulahle ithemba ngisho kungathiwa uneminyaka emingaki. Akuzothi ngoba naku usubona ukuthi usukhulile bese ubekezelela noma yini. Izingane zakho ngeke zikuthokozele ukuba nomzali ongathokozile. Ngakho musa ukuhlala ebudlelwaneni nomuntu ongathembekile ngoba wenzela izingane.
Kubalulekile ukuzithanda uma ungumuntu wesifazane. Kulula ukuthi umuntu akuthathe noma yikanjani uma ebona ukuthi nawe awuzithandi. Umbuzo: Ngithole ukuthi umyeni wami weminyaka uthanda abantu besilisa. Angikaze ngibe nezinsolo phambilini ngaze ngathola umqhafazo osolisayo ocingweni lakhe ezinyangeni ezimbalwa ezedlule. Into yokuqala efike ekhanda lami kwaba ngukuthi kusho ukuthi sekukhona omunye umuntu wesifazane asemtholile. Sengikwenze konke, kusukela ngithola ngonyaka odlule ukulungisa isimo phakathi kwethu kodwa ngathi uyaphunyuka ngempela kumina.
Angiziboni nje ngikhulisa izingane ngingedwa futhi ngithini nje ezinganeni? Igama ligodliwe,
eMargate Impendulo: Ngeshwa akukho ongakwenza ngomuntu omdala ozikhethele impilo ayifunayo. Njengoba usho, uzamile ukuxoxa naye kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Kubukeka sengathi umyeni wakho usezikhethele indlela afuna ukuphila impilo yakhe ngayo.
Okubalulekile ukuthi nizame ngayo yonke indlela ukuvikela izingane zenu. Nani kubalulekile ukuthi nithole usizo kongoti.
Okuhle ukuthi iqiniso ligcine liphumele obala. Facebook: Mo & Phindi Instagram: Mo & Phindi Email: info@moandphindi. com