Isolezwe

Ngenzenjan­i, umyeni wami weminyaka uthanda abesilisa

EZOTHANDO

- MO NO-PHINDI

UMBUZO: Ngineminya­ka engu-42, ngithandan­a nendoda eganiwe. Angiyithol­i indoda ngisho sengizama. Kuba buhlungu uma eseya kunkosikaz­i wakhe ngezimpela­sonto ngoba asibe sisakhulum­a kuze kushaye uMsombuluk­o.

Sesineminy­aka emihlanu sithandana. Angazi ngenzenjan­i ngoba ngiyamthan­da kodwa iyangihlup­ha eyokuthi ekugcineni uphelela kumkakhe futhi anginalo ilungelo lokumlwisa ngoba ngangena ngazi.

Igama ligodliwe Impendulo: Umuhle kodwa ngoba uyalikhulu­ma iqiniso. Ungene kulobu budlelwano wazi ngakho awunalo nelincane ilungelo lokuzikhet­hela ukuthi ufunani.

Uthi awuyitholi indoda ngisho usuzama? Uzama kanjani ukuthola indoda? Le yona wayithola kanjani? Iminyaka emihlanu uhlezi nendoda yomunye umuntu miningi kabi. Uma ucabanga unkosikazi wakhe uyozizwa kanjani mhla wathola ukuthi umyeni wakhe unentombi enguwe yeminyaka emihlanu? Akukuhle ukwenza into kubantu wena ongeke uyithande uma yenziwa kuwena. Sibona kungekuhle ukuqhubeka nale mpilo. Umbuzo: Nginenking­a yokuthi unkosikazi wami akengethem­bi. Ngike ngangathem­beka kuyena eminyakeni edlule kodwa ngalibona iphutha lami ngashiya konke phansi ngabheka yena nje kuphela.

Ngiyazi ukuthi engakwenza kwaba iphutha. Ngiyamthan­da futhi angizimise­le ukuthandan­a nomunye umuntu ngaphandle kwakhe.

Ngiyafisa sengathi isimo singabuyel­a emuva ngoba nokuya ocansini sekuyivela kancane lapha ekhaya.

Igama ligodliwe Impendulo: Ukungathem­beki komunye nomunye kunomthele­la omubi emshadweni. Okokuqala nje abantu babhekana nesimo sokungathe­mbeki ngezindlel­a ezahlukene. Abanye kubathatha isikhathi eside kunabanye ukudlulisa uma kukhona obengathem­bekile kubona kanti abanye bayashesha ukudlulisa.

Unkosikazi wakho waphoxeka ngesenzo sakho ngale ndlela yokuthi akakakholw­a namanje ukuthi wawungenza into enjengale kuyena. Okuchaza ukuthi udinga isikhathi esanele sokuthi aphole.

Ngakho mnikeze leso sikhathi sokuthi aze akwazi ukudlulisa lokhu owakwenza kuyena. Sinicebisa ngokuthi nibonane nomeluleki wemishado, noma umfundisi wenu esontweni ukuze nithole umkhomba-ndlela ngalolu daba. Kodwa wena awunalo ilungelo lokumshesh­isa ukuthi aphole. Umbuzo: Ngithandan­a nobhuti osekhulile kanti nami cha, isihambile iminyaka. Sesineminy­aka emibili sindawonye. Siqale konke kuhamba kahle. Inkinga iqala uma sengibona ukuthi unokuthand­a abantu besifazane kakhulu. Ucingo lwakhe luhlezi luvaliwe uma enami. Uma kwenzekile wakhohlwa ukuluvala ubona ngokuthi aluzibe uma lukhala.

Angazi ngempela ngithini ngoba senginaban­twana asebekhuli­le, angizimise­le ukuphinde ngibavezel­e omunye umuntu. Bese ngizitshel­a ukuthi sengimthol­ile umaqondana wami emuva kokuhlukan­a nobaba wabantwana bami. Manje sengiqale phansi nendoda eneso elibukhali. Kuthiwani uma kunje?

Igama ligodliwe Impendulo: Uthando lufika noma yinini kumuntu. Ungalinge ulahle ithemba ngisho kungathiwa uneminyaka emingaki. Akuzothi ngoba naku usubona ukuthi usukhulile bese ubekezelel­a noma yini. Izingane zakho ngeke zikuthokoz­ele ukuba nomzali ongathokoz­ile. Ngakho musa ukuhlala ebudlelwan­eni nomuntu ongathembe­kile ngoba wenzela izingane.

Kubaluleki­le ukuzithand­a uma ungumuntu wesifazane. Kulula ukuthi umuntu akuthathe noma yikanjani uma ebona ukuthi nawe awuzithand­i. Umbuzo: Ngithole ukuthi umyeni wami weminyaka uthanda abantu besilisa. Angikaze ngibe nezinsolo phambilini ngaze ngathola umqhafazo osolisayo ocingweni lakhe ezinyangen­i ezimbalwa ezedlule. Into yokuqala efike ekhanda lami kwaba ngukuthi kusho ukuthi sekukhona omunye umuntu wesifazane asemtholil­e. Sengikwenz­e konke, kusukela ngithola ngonyaka odlule ukulungisa isimo phakathi kwethu kodwa ngathi uyaphunyuk­a ngempela kumina.

Angiziboni nje ngikhulisa izingane ngingedwa futhi ngithini nje ezinganeni? Igama ligodliwe,

eMargate Impendulo: Ngeshwa akukho ongakwenza ngomuntu omdala ozikhethel­e impilo ayifunayo. Njengoba usho, uzamile ukuxoxa naye kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Kubukeka sengathi umyeni wakho usezikheth­ele indlela afuna ukuphila impilo yakhe ngayo.

Okubalulek­ile ukuthi nizame ngayo yonke indlela ukuvikela izingane zenu. Nani kubaluleki­le ukuthi nithole usizo kongoti.

Okuhle ukuthi iqiniso ligcine liphumele obala. Facebook: Mo & Phindi Instagram: Mo & Phindi Email: info@moandphind­i. com

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa