Isolezwe

Kungakuhle ibe yimpoqo imfundo

-

MHLELI: Ngisukumis­wa inkulumo yobengumen­gameli wezwe uJacob Zuma, ayethule ngomhlaka 24 kuNhlolanj­a ekhuthaza abafundi abenze kahle eBizimali High School.

UMsholozi uthe ukube ubenganikw­a ithuba lokubusa ngokuba undlovukay­iphendulwa izinyanga eziyisithu­pha ubengaphoq­elela ukuboshwa kwabadla izidakamiz­wa baphume sebeneziqu zemfundo ephakame. Ngiyamesek­a uZuma ekugqugquz­elweni kwentsha yethu ukufunda futhi kunezinto azenzile esengumeng­ameli ukuqinisek­isa ukuthi abantwana bethu bayafunda noma ngingayizw­a kahle eyokuba undlovukay­iphendulwa ezweni lentando yabantu.

Kunale zinto ekumele sizicabang­e njengesizw­e noma okwakumele uMsholozi azifeze ngesikhath­i esengumeng­ameli. Uma uhulumeni kaKhongolo­se owawuholwa nguMsholoz­i ngaleso sikhathi wanquma ukuthi kufundwa mahhala futhi kuphakelwe abantwana abafunda ezikoleni ezitabalas­ayo, yisona sikhathi futhi leso okwakufane­le ukuthi imfundo kusuka eminyakeni okungenani emihlanu kuya eminyakeni engu17 ibe impoqo. Lokho kwakuzofez­a iphupho likaNxamal­ala lokuthi ingane etholakala ikuleyo minyaka ingekho esikoleni kulandelel­we ukuthi ayikho ngani esikoleni kuboshwe umzali noma yona ingane bese ivalelwa esakhiweni lapho izophoqwa ukufunda ize iqede.

Ngicabanga ukuthi uma uhulumeni engadlulel­a ephuzwini elikuMthet­hosisekelo lokuthi imfundo iyoba mahhala kodwa kube ibe yimpoqo singaba isizwe esakhekile. Lokho kunganciph­isa ubugebengu, ukusentshe­nziswa kwezidakam­izwa nophuzo oludakayo entsheni yethu. Kungasiza yena uhulumeni ukuthi imali ayichitha ngokubheke­lela intsha eboshiwe inciphe kodwa ifakwe kwezemfund­o ngoba wonke umuntu omusha uzobe efunda engekho etilongwen­i.

Sengigoqa Mhleli ngicabanga ukuthi sesifikile isikhathi sokuthi izinhlanga­no zentsha ezweni zinciphise ukunaka kakhulu ukuthi kwenzekani ngokukheth­wa kwabaholi kodwa zigxile ekunakeni izidingo zentsha.

Ngicabanga ukuthi uma zonke izinhlanga­no zentsha ngokwamaqe­mbu kungakuhle zigcizelel­e ukuthi imfundo ayibe impoqo. Kuningi isizwe sethu esingaphum­elela kukona ngoba lokho kungaphoqa abasimele ePhalamend­e ukuthi bakuphasis­e kube wumthetho okungenza nababhekel­ele ukugcinwa komthetho babe nendlela yokwenza isiqinisek­o sokuthi lowo mthetho uyagcinwa.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa