UNomvethe ufuna ukushaya iDowns
INSIKA yomdlali waMaZulu, uSiyabonga “Bhele” Nomvethe, ifuna bayiphinde iMamelodi Sundowns abazoshukana nayo emdlalweni we-Absa Premiership kusasa ngo-6 ebusuku.
Usuthu luqumbe phansi Abafana Ba Style ngo 2-1 ngesikhathi la maqembu ehlangana emzuliswaneni wokuqala ngonyaka odlule. UNomvethe washaya igoli lokulinganisa kwathi uMabhudi Khenyeza wavalela enethini elokuwina.
Exoxa neSolezwe ngaphambi kokuthi Usuthu luqale ukuzilolonga ngoLwesibili, uNomvethe uphumele obala ngobumqoka bamaphuzu amathathu.
“ISundowns yiqembu elikhulu futhi siyalihlonipha. Badlala ibhola elihle kodwa lokho akusho ukuthi sizoya kubona sinovalo ngoba nakhu sithi bayiqembu elikhulu. Enkundleni iqembu neqembu lisuke linabadlali abangu-11 okusho ukuthi nathi kumele sizimisele ukuthi umdlalo siwuphumelele.
“Sonke senza into efanayo. Njengoba sidlala ekhaya kumele sidlale ngokuzikhandla siphinde sijabulise abalandeli bethu. Umdlalo kumele siwuphumelele ngoba asikho ekuhambeni. Kunzima uma udlala ekuhambeni ngoba usuke ulwela iphuzu. Akufani njengasekhaya yingakho kumqoka ukuqoqa amaphuzu amathathu ekhaya,” kusho uNomvethe.
ISundowns iyona ehlezi esicongweni kwi-Absa Premiership ngamaphuzu angu-40 emidlalweni engu-22.
“Kufanele ukuthi sisebenze ngoba kuzoba ngumdlalo omkhulu. Sifuna ukubhekana nomdlalo owodwa ngesikhathi. Asifuni ukuzifakela ingcindezi yokuthi sidlala neqembu elikhulu. Inhloso yethu wukuqoqa amaphuzu amathathu. Ngeke kube lula ngoba bafuna ukuwina iligi ngakolunye uhlangothi thina sibheke ukungena kwiTop 8,” kusho uNomvethe.
Usuthu lwenza kahle uma lubhekene namaqembu amakhulu kule sizini. Selushaye iSuperSport kabili, lwaguqisa iBidvest Wits neSundowns njengoba ludlale ngokulingana neKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates.
“Ukusebenza kanzima yikona okusasisebenzela uma sidlala namaqembu amakhulu. Indlela esihlelela ngayo le midlalo isasisebenzela,” kusho uNomvethe.
Lo mgadli odabuka KwaMashu nguyena ophethe irekhodi lamagoli amaningi kwiPremier Soccer League (PSL).
“Uma ngingena enkundleni ngisuke ngicabanga ngento eyodwa kuphela: ukushaya amagoli. Akuyona iSundowns kuphela engishaya amagoli uma ngibhekene nayo kodwa kuyo yonke imidlalo engiyidlalayo ngisuke ngibheke ukuphuma negoli. Akubi mnandi uma ngingalishayi igoli. Njengomuntu odlala phambili nakanjani kumele ngisebenzele ukuthi ngishaye amagoli,” kusho uNomvethe.
UBhele useneminyaka engu-40 kodwa akayicabangi eyokuyeka ibhola.
“Nakanjani kufanele ningibone ngisenkundleni ngoba ukudlala ibhola kimina kuyisibusiso. Ngakho angifuni ukubamba abantu inkunzi ngesiphiwo sami. Ngifuna ukusisebenzisa ngendlela efanele. Akubona abalandeli baMaZulu kuphela abayithokozelayo indlela engidlala ngayo kodwa nabalandeli bamanye amaqembu bayayithanda,” kusho uNomvethe.