Isolezwe

Ubuyele eZimbabwe owaduma kwiChiefs

- MINENHLE MKHIZE

WEHLELWE wumshophi umdlali odume kwiKaizer Chiefs uMichelle Katsvairo ozama inhlanhla kwiReal Kings egijima kwiNationa­l First Division (NFD).

Lezi zindaba zitshelwe Isolezwe ngumthombo othembekil­e. UKatsvairo ufike kwiKings ngesonto eledlule, wazicija neqembu usuku olulodwa. Bekubhekwe ukuthi iqembu lithathe isinqumo ngekusasa lakhe izolo.

“UKatsvairo ubuyele kubo eZimbabwe. Ube neshwa kwashona ubaba wakhe. Le nto yenzeke ngesikhath­i esibi kwazise ubethembis­a ejimini,” kusho umthombo.

Lo mgadli odabuka eZimbabwe ufike kwiChiefs ngesizini edlule ethwelwe ngeqoma ukuthi uzofike ahlohle inqwaba yamagoli. Uqale kahle kodwa wabuye waphazanyi­swa wukulimala okuholele ekutheni athi esebuya indawo yakhe yayingasek­ho. Ugcine ebolekiswe kwiSingida United yaseTanzan­ia. Inkontilek­a yakhe yokuboleki­swa igcine inqanyuliw­e ngoDisemba kulandela ukuthi leli qembu lihluleke lancama wukumkhokh­ela. Kuthintwa uTom Dlamini wezokuxhum­ana kwiKings uqinisekis­ile ukuthi uKatsvairo ubuyele kubo. “Yebo kuyiqiniso. Umfana ubuyele kubo izolo (ngoLwesibi­li). Isimo abhekene naso singaphezu kwamandla akhe. Iqembu lithathe isinqumo sokumkhulu­la kodwa uma esefihlile nakanjani uzobuya liqhubeke nokumhlola. Siyazwelan­a kakhulu naye futhi siyethemba ukuthi uzofihla kahle,” kusho uDlamini.

I-Kings ihlezi endaweni yesithathu kwi-log yeNFD. Leli qembu ligilwe yiRoyal Eagles ezama ukubalekel­a izembe ngempelaso­nto edlule. I-Kings iguqiswe yi-Eagles ngo 1-0 wegoli likaMame Niang eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont.

“Kumele sivuke sizithathe. Kona akuzange kube yisimo esimnandi ukudliwa ngesonto eledlule. Kumele sibuye namaphuzu amathathu kumnyama kubomvu kwiStellen­bosch. Siyazi ukuthi ngeke kube ngumdlalo olula kodwa abafana bazimisele ngokulwa,” kusho uDlamini.

I-Kings izoshukana neStellenb­osch FC ngeSonto ngo-3.30 ntambama e-Athlone Stadium, eKapa. Imidlalo ye-NFD NgoMgqibel­o Ngo-3.30pm: Witbank Spurs v Highlands Park (Puma Stadium); Uthongathi FC v Cape Town All Stars (Princess Magogo Stadium); Ubuntu Cape Town v Mthatha Bucks (Athlone Stadium).

NgeSonto Ngo-3.30pm: Stellenbos­ch v Real Kings (Athlone Stadium); Richards Bay v Pretoria University (Umhlathuze Sports Complex); Black Leopards v Super Eagles (Thohoyando­u Stadium); Royal Eagles v Tshakhuma Tsha Madzivhand­ila (Harry Gwala Stadium); Mbombela United v Jomo Cosmos (Mbombela Stadium).

 ??  ?? MICHELLE KATSVAIRO
MICHELLE KATSVAIRO
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa