IChiefs noweNedbank eMabhida
BAPHINDE banyelwa yinyoni esandleni abalandeli beKaizer Chiefs eThekwini. Amakhosi azodudulana neStellenbosch FC eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo kwiLast 16 yeNedbank Cup.
Isolezwe lihabule lezi zindaba ngomthombo othembekile ukuthi Amakhosi akhethe ukuwuletha eThekwini umdlalo wawo neStellenbosch.
“IChiefs izobhekana neStellenbosch eMoses Mabhida Stadium. Obese kusele wukuthi iPremier Soccer League ikhiphe lonke uhla lwemidlalo yeNedbank Cup. Nokho ngingakuqinisekisa ukuthi iChiefs izodlala eThekwini ngesonto elizayo. Umdlalo uzoba ngoMgqibelo ngoMashi 10,” kusho umthombo.
Uhla lwemidlalo luphumile izolo lwaqinisekisa ukuthi iChiefs iza eMabhida.
IChiefs ivele isidlale imidlalo yayo yasekhaya emihlanu eMabhida kule sizini ka-2017/2018. Iqunjwe phansi yiSuperSport kuma-quarterfinal eMTN 8 emdlalweni wayo wokuqala. Kuthe kusenjalo yathelwa othulini yiBaroka FC ngo 2-1 emdlalweni we-Absa Premiership ngoSepthemba 19.
Amakhosi anqobe umdlalo wawo wokuqala kule sizini eMabhida ngesikhathi ebhudluza AmaZulu ngo 3-0 kwiLast 16 yeTelkom Knockout. NgoNovemba 17 iChiefs idlale ngokulingana ngo 1-1 neFree State Stars eMabhida.
Igcina ukudlala eThekwini iChiefs yanqoba ngo 1-0 kwi-Ajax Cape Town ngegoli likaDumsani Zuma ngoDisemba 16 koweligi.
IChiefs ibhekene nenselelo yokuqeda isomiso sezindebe. Leli qembu selokhu lagcina ukuphakamisa isicoco ngo-2015 lidla eseMTN 8 lishaya i-Orlando Pirates ngo 1-0 wegoli likaTefu Mashamaite eMoses Mabhida.
Kusukela lapho alikaze liphinde liwine lutho. Ngo-2015/2016 lifinyelele kowamanqamu weMTN 8 noweTelkom Knockout kodwa lakhala ngaphansi kuyona yombili le midlalo. IChiefs iyona ephethe izicoco eziningi zeNedbank Cup ezingu-13.