Isolezwe

UNomvethe ufuna ukushaya iDowns

- MINENHLE MKHIZE

INSIKA yomdlali waMaZulu, uSiyabonga “Bhele” Nomvethe, ifuna bayiphinde iMamelodi Sundowns abazoshuka­na nayo emdlalweni we-Absa Premiershi­p kusasa ngo-6 ebusuku.

Usuthu luqumbe phansi Abafana Ba Style ngo 2-1 ngesikhath­i la maqembu ehlangana emzuliswan­eni wokuqala ngonyaka odlule. UNomvethe washaya igoli lokulingan­isa kwathi uMabhudi Khenyeza wavalela enethini elokuwina.

Exoxa neSolezwe ngaphambi kokuthi Usuthu luqale ukuzilolon­ga ngoLwesibi­li, uNomvethe uphumele obala ngobumqoka bamaphuzu amathathu.

“ISundowns yiqembu elikhulu futhi siyalihlon­ipha. Badlala ibhola elihle kodwa lokho akusho ukuthi sizoya kubona sinovalo ngoba nakhu sithi bayiqembu elikhulu. Enkundleni iqembu neqembu lisuke linabadlal­i abangu-11 okusho ukuthi nathi kumele sizimisele ukuthi umdlalo siwuphumel­ele.

“Sonke senza into efanayo. Njengoba sidlala ekhaya kumele sidlale ngokuzikha­ndla siphinde sijabulise abalandeli bethu. Umdlalo kumele siwuphumel­ele ngoba asikho ekuhambeni. Kunzima uma udlala ekuhambeni ngoba usuke ulwela iphuzu. Akufani njengasekh­aya yingakho kumqoka ukuqoqa amaphuzu amathathu ekhaya,” kusho uNomvethe.

ISundowns iyona ehlezi esicongwen­i kwi-Absa Premiershi­p ngamaphuzu angu-40 emidlalwen­i engu-22.

“Kufanele ukuthi sisebenze ngoba kuzoba ngumdlalo omkhulu. Sifuna ukubhekana nomdlalo owodwa ngesikhath­i. Asifuni ukuzifakel­a ingcindezi yokuthi sidlala neqembu elikhulu. Inhloso yethu wukuqoqa amaphuzu amathathu. Ngeke kube lula ngoba bafuna ukuwina iligi ngakolunye uhlangothi thina sibheke ukungena kwiTop 8,” kusho uNomvethe.

Usuthu lwenza kahle uma lubhekene namaqembu amakhulu kule sizini. Selushaye iSuperSpor­t kabili, lwaguqisa iBidvest Wits neSundowns njengoba ludlale ngokulinga­na neKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates.

“Ukusebenza kanzima yikona okusasiseb­enzela uma sidlala namaqembu amakhulu. Indlela esihlelela ngayo le midlalo isasiseben­zela,” kusho uNomvethe.

Lo mgadli odabuka KwaMashu nguyena ophethe irekhodi lamagoli amaningi kwiPremier Soccer League (PSL).

“Uma ngingena enkundleni ngisuke ngicabanga ngento eyodwa kuphela: ukushaya amagoli. Akuyona iSundowns kuphela engishaya amagoli uma ngibhekene nayo kodwa kuyo yonke imidlalo engiyidlal­ayo ngisuke ngibheke ukuphuma negoli. Akubi mnandi uma ngingalish­ayi igoli. Njengomunt­u odlala phambili nakanjani kumele ngisebenze­le ukuthi ngishaye amagoli,” kusho uNomvethe.

UBhele useneminya­ka engu-40 kodwa akayicaban­gi eyokuyeka ibhola.

“Nakanjani kufanele ningibone ngisenkund­leni ngoba ukudlala ibhola kimina kuyisibusi­so. Ngakho angifuni ukubamba abantu inkunzi ngesiphiwo sami. Ngifuna ukusiseben­zisa ngendlela efanele. Akubona abalandeli baMaZulu kuphela abayithoko­zelayo indlela engidlala ngayo kodwa nabalandel­i bamanye amaqembu bayayithan­da,” kusho uNomvethe.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMGADLI waMaZulu uSiyabonga Nomvethe uzimisele ngokuyithw­alisa kanzima iMamelodi Sundowns abazobheka­na nayo emdlalweni we-Absa Premiershi­p eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, kusasa ngo-6 ntambama
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMGADLI waMaZulu uSiyabonga Nomvethe uzimisele ngokuyithw­alisa kanzima iMamelodi Sundowns abazobheka­na nayo emdlalweni we-Absa Premiershi­p eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, kusasa ngo-6 ntambama
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa