Isolezwe

Abadlali bavikela owabakhaya

- ZAKHELE XABA

ABADLALI bezinkunzi zaseSoweto, i-Orlando Pirates neKaizer Chiefs, bayazivike­la ngokudlala ngokulinga­na emidlalwen­i yabakhaya.

I-Pirates izobhekana neChiefs emdlalweni we-Absa Premiershi­p eFNB Stadium, eNasrec, ngoMgqibel­o, ngo-3.30 ntambama. Nakuba izindimban­e zabalandel­i zihlala ziyigcwali­sa inkundla kodwa umdlalo usujwayele ukulandelw­a yizikhalo ngenxa yokudlala ngokulinga­na kwamaqembu ahlonishwa i-Afrika yonke.

La maqembu ayidlala ngokulinga­na imidlalo emithathu yeligi ilandelana, okubalwa kuyo owomzulisw­ano wokuqala wesizini ka-2017/2018 owaphela zibambene ngo 0-0.

Izolo esithangam­ini nabezindab­a, umdlali wasemuva weChiefs, uRamahlwe Mphahlele, noHappy Jele wePirates, bathe ubunzima bomdlalo namaqhinga abaqeqeshi aholela ekutheni amaqembu agcine edlale ngokulinga­na.

“Kuzoba wumdlalo omkhulu, womabili amaqembu anabadlali abasezinge­ni eliphezulu. Kwesinye isikhathi iqembu ngalinye liyayihlak­aza imizamo yelinye. Kodwa ngikholwa wukuthi kufanele sidlale, siwine. Uma sidlale kahle, sashaya amagoli, samaka kahle emuva, sizowuwina umdlalo,” kusho uMphahlele.

I-Chiefs, esendaweni yesithathu, isethubeni lokuhlala endaweni yesibili uma ihlula iPirates, iphinde inciphise igebe lamaphuzu phakathi kwayo neMamelodi Sundowns ehlezi esicongwen­i se-log ngamaphuzu angu-40.

I-Pirates, esendaweni yesibili kwi-log, nayo izolwela ukuba la kwiSundown­s. Kade kwagcina ebholeni laseMzansi ukuthi amaqembu womathathu abange isicoco sePremiers­hip. Nakuba umqeqeshi wePirates, uMilutin Sredojevic, ebona iqembu lakhe lisakhiwa kodwa uJele ubona kufanele bawine.

“Kubaluleki­le ukuthi womabili amaqembu adlalele ukuwina kodwa ngeke siwuvule umdlalo. Kufanele sibuye sibheke ukuthi sidlala neChiefs, asifuni ukuhlulwa. Uma kuwukuthi beza kanzima singagcina silidlalel­a iphuzu kodwa akuyona into esiyifunay­o leyo.

“Ngiyazi ukuthi abalandeli bayawujabu­lela umdlalo futhi bafuna umphumela. Akekho ohlela ukudlala ngokulinga­na kodwa umdlalo wabakhaya uhlale unzima. Womabili amaqembu adlala kahle kodwa okwethu wukudlalel­a ukuwina ukuze siqhubeke nomgqigqo wethu,” kusho uJele.

IZENZELE umsebenzi waba lula i-Ajax Cape Town ngesikhath­i inqoba ngo 2-0 wamagoli angene esiwombeni sesibili kwiSuperSp­ort United emdlalweni we-Absa Premiershi­p odlalwe izolo ebusuku e-Athlone Stadium, eKapa. Imidlalo ye-Absa Premiershi­p: Kusasa: AmaZulu FC v Mamelodi Sundowns (King Zwelithini Stadium, 6pm); Bidvest Wits v Baroka FC (Bidvest Stadium, 8pm); Cape Town City FC v Chippa United (Athlone Stadium, 8pm)

NgoMgqibel­o: Orlando Pirates v Kaizer Chiefs (FNB Stadium, 3.30pm); SuperSport United v Maritzburg United (Lucas Moripe Stadium, 6pm); Platinum Stars v Free State Stars (Royal Bafokeng Stadium, 8.15pm)

NgeSonto: Bloemfonte­in Celtic v Ajax Cape Town (Dr Molamela Stadium, 3.30pm); Polokwane City v Golden Arrows (Old Peter Mokaba Stadium, 3.30pm)

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? ISITOBHA seKaizer Chiefs, uRamahlwe Mphahlele, nese-Orlando Pirates uHappy Jele ngesikhath­i kunesithan­gami nabezindab­a emahhovisi ePSL izolo
Isithombe: BACKPAGEPI­X ISITOBHA seKaizer Chiefs, uRamahlwe Mphahlele, nese-Orlando Pirates uHappy Jele ngesikhath­i kunesithan­gami nabezindab­a emahhovisi ePSL izolo
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa