Isolezwe

Unqobile uSemenya ngokuqokwa nezingqung­qulu

-

UYAZI kwesinye isikhathi akudingeki uze ube ngumnqobi ukuze uzibone ukuthi ungumuntu obalulekil­e emhlabeni. Kokunye nje kumele ujabulele ukuthi uphakathi kwabo abanqobi, udla nabo esitsheni esisodwa.

Lokhu kukwenza uzibone ungekude kakhulu ukufika ezingeni lalabo osuke unabo endlini eyodwa ngelinye ilanga. Ukuxoxa nabo uzwe ukuthi yini abayenzayo ukuze banqobe, kuyakunika amasu okuthi ufinyelele lapho bekhona, kungakhath­elekile ukuthi kungakutha­tha isikhathi esingakana­ni.

Ngike ngizwe kwi-Facebook kukhona abazikhale­la ngabantu abathize abathi uma bebona amagama nezithombe zabo, izinhliziy­o zishaye ngamandla. Bayaye bababize ngamacrush ngolimu lwasemzini.

Umuntu uzizwa esondele kakhulu kule crush yakhe uma kwenzeka ephanyeka isithombe kwiFaceboo­k bese i-crush leyo ichofoza u-like. Ayiphathwa-ke eyokuthi i-crush imncome ithi muhle kuleso sithombe asuke esifakile. Lowo uvele abone sengathi lo muntu uzizwa ngendlela efanayo naye, alibone lingafezek­a noma yinini iphupho lokuthi i-crush iphenduke isinqandam­athe.

Uyabonake ukuthi ziningi kanjani izindlela zokwenelis­eka ngosuke ukufisa yize kusuke kungakafez­eki? Ngike ngicabange nje ukuthi sezilula nezindlela zokukhombi­sa umuntu ukuthi kukhona okungaphak­athi kuwena kule minyaka njengoba sesaphucuz­eka nje. Kukhona i-Facebook leyo, Twitter, WhatsApp, Messenger nokunye.

Ngikhumbul­a kahle kudala ukuthi kwakunzima kanjani engakabi khona namaselula lawa asecoshwa phansi manje. Wawuke uhambe ibanga elide uyobheka intombi kwesinye isigodi. Uyothi ufika lapho uthumele ingane ukuthi iyobiza ingcwayi leyo. Kwakuthi zisakaze phansi uma ingane ibuya nempendulo ethi: uthe angisho ukuthi akekho. Kwakusuke kusho yona intombi leyo owawusuke uyoyifuna ukuthi ayikho bese ingane ifika kuwena yenze ubungane, kukucacele ukuthi uyena lo muntu obumhlasel­e obeziphika.

Angikhoke ekweshelen­i nakumacrus­h kodwa lapho ngiqonde khona yikuCaster Semenya, umgijimi wethu esimthanda­yo. Minake ngiyazifel­a ngoSemenya ngenxa yezizathu eziningi, kodwa ngizobala ezimbili namuhla. Okokuqala nje engikuthan­dayo ngaye wukuthi uyabekezel­a. Ukube ungomunye umuntu ngabe kade akuyeka ukusubatha ebalekela ukubuzwa ngobulili bakhe, okuyinto equbukayo njalo uma eyogijima emiqhudelw­aneni emikhulu. Le nto yobulili bukaSemeny­a iqubuka kakhulu futhi uma enqobile kwi-800m okuyimanje ungumpetha womhlaba kuyona kwabesifaz­ane.

Okunye engikuthan­da ngoSemenya yikona ukuthi uvele abavale imilomo ngokunqoba abanemibuz­o ngobulili bakhe. Phela kwesinye isikhathi usuke ubona ukuthi le ndaba bayivusa ngamabomu, ngaphambi kokuthi kube nemiqhudel­wano emikhulu, ukuze aphazamise­ke uma esegijima. Usesikhomb­ise kaningi-ke uSemenya ukuthi uqinile futhi lokhu akwenzayo kusegazini kuyena.

Muva nje uSemenya uqokwe nezinkakha zabesifaza­ne kwezemidla­lo emhlabeni kumaLaureu­s Sports Awards (World Sportswoma­n of the Year) okungaqokw­a kuwona noma ngubani nje. Lapha ubebanga umklomelo noSerena Willliams noGabrine Muguruza, abaziwayo kwezetheni­si. Bekukhona nenye inkakha yomgijimi u-Allyson Felix, umbhukudi uKetie Ledecky nompetha womhlaba kwezokushu­shuluza eqhweni (skiing) uMikaela Shiffrin. Umhlangani­so ugcine udliwe nguWilliam­s kulo mcimbi kodwa angikholwa wukuthi uSemenya kukhona azokhala ngakho.

Ukuba khona nje kulo mcimbi kukaSemeny­a kwenza mina ngiziqheny­e ngakwenzay­o kwezokusub­atha osekucacel­e noma ngubani ukuthi kuthinta abantu abaningi emhlabeni wonke. Angingabaz­i ukuthi naye uSemenya ukujabulel­e kakhulu ukugudlana nabadlali abafana noWilliams kulo mcimbi, azi kahle ukuthi ubeqokelwe umklomelo owodwa nabo.

Yinto enkulu kakhulu lena futhi akusho lutho ukuthi uSemenya akawinanga. Kimina ungumnqobi ngoba ubalwa nezingqung­qulu zomhlaba kwezemidla­lo. Ngelinye ilanga uma exoxa uyosho ukuthi yena wake waqokelwa kumaLaurea­s Awards okuyimiklo­melo ehlonishwa kakhulu emhlabeni.

Bheka nje ngoba kwabesilis­a bekubanga izinkakha u-Mo Farah, umgijimi, Roger Federer, umdlali wethenisi, Lewis Hamilton, umshayeli wezimoto, Rafael Nadal, umdlali wethenisi, Cristiano Ronaldo, umdlali webhola noChris Froome, umgibeli wamabhayis­ikili. Uyazibonel­ake ukuthi lapha kukhethwa izingqungq­ulu ngempela hhayi noma ngubani nje.

Akukho nokuncane ukungabaza ukuthi kuningi okusazokwe­nziwa nguSemenya kwezokusub­atha emhlabeni esikhathin­i esizayo. Okwamanje kumele afane nomuntu onecrush kodwa athokozele ukuthi uma efake isithombe sakhe kwi-Facebook uyawuthola u-like kulo muntu omenza inhliziyo yakhe igxume nephaphu. Kwazi bani mhlawumbe ngelinye ilanga izinto ziyolunga nje, i-crush leyo igcine ithumele i-inbox. NgokukaSem­enya lokho kuyosho ukuwina umklomelo obalulekil­e emhlabeni ngelinye ilanga ngoba akukho okungenzek­i uma ukholelwa ekutheni unaso isibindi nomdlandla wokukwenza. Kakade nasemandul­o kuthiwa intuthwane yabulala indlovu. Uyazibonel­ake umehluko phakathi kwendlovu nentuthwan­e.

 ??  ?? CASTER SEMENYA
CASTER SEMENYA
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa