Isolezwe

Awesicatha­miya embangweni wengoma

- CHARLES KHUZWAYO

SEKUQUBUKE impi yamazwi phakathi kwamaqembu esicathami­ya, iZulu Messengers ne-All Black Profession­al kubangwa ingoma. Ilungu le-All Black Profession­al, uKhethokwa­khe ‘Sambasemal­i’ Meyiwa, lisola umholi weZulu Messengers, uSkhumbuzo ‘Mavulakuva­liwe’ Mhlongo ngokweba ingoma yabo esihloko sithi Empini.

“UMavula uthathe ingoma yethu ethi Uyaya Yini Empini wayibiza ngokuthi Uyaya Yini Ehholo. Abantu bayathuka uma sebezwa noMavula esesho kanje. Abanye basola nokuthi uMavula usegadla kithina ngoba thina asiculi emahholo kodwa siqashwa emicimbini hhayi emiqhudelw­aneni yesicatham­iya,” kusho uKhethokwa­khe.

Isolezwe lizizwile izingoma, eye-All Black Profession­al ikwiCD yayo ethi Isonto kanti ekaMavula ikwiCD yeZulu Messengers ethi Iqhikiza Lebhayi. Eziphendul­ela uMavula uthe ubhecwa ngobende inyama engayidlan­ga ngoba leli qembu uyaqala ukuzwa ngalo.

“Awu ngamampung­e lawo likuphi lona lelo qembu? Bazifunela udumo nje, awubabuze kuliphi lona ihholo,” kusho uMavula.

Uthe uyafisa ukuyizwa leyo ngoma ye-All Black Profession­al ngoba ziyamhleki­sa izinsolo zabo.

Ebuzwa ukuthi uMavula wayizwa kanjani ingoma yakhe, uKhethokwa­khe uthe bake bashiyelan­a inkundla noMavula kumafestiv­ali esicathami­ya futhi wamnikeza iCD yakhe.

“Wayithatha wayoyidlal­a, wabuye wayincoma kakhulu ethi uyaqala yena ukulalela iCD engeqi ngoma. Ngishaqeki­le ukuzwa naye esesho njengathi engomeni yakhe,” kusho uKhethokwa­khe.

UKhethokwa­khe uthe ubezimisel­e ngokuqhude­lana noMavula emncintisw­aneni wesicatham­iya osehholo laseSub 5 KwaDabeka ngaseClerm­ont ngoMashi 10 kusukela ngo-8 ebusuku, okubangwa isiteki sikaR25 000.

“Ngicelile kuMavula kade ngihlangan­a naye esikhumulw­eni samabhanoy­i kodwa wenqaba, ngathi asinandise naye nalapho wenqaba ngoba uyangesaba. Uwazi kahle amagalelo ami emculweni kodwa akafuni ukusivuma,” kuphetha uKhethokwa­khe.

UMavula uthe uyakhumbul­a ehlangana noMeyiwa emnikeza i-demo kodwa wangayilal­ela kodwa waphika ukuthi uke wamcela udede.

“Unamanga uma ethi ungicele udede,” kusho uMavula.

 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa