Awesicathamiya embangweni wengoma
SEKUQUBUKE impi yamazwi phakathi kwamaqembu esicathamiya, iZulu Messengers ne-All Black Professional kubangwa ingoma. Ilungu le-All Black Professional, uKhethokwakhe ‘Sambasemali’ Meyiwa, lisola umholi weZulu Messengers, uSkhumbuzo ‘Mavulakuvaliwe’ Mhlongo ngokweba ingoma yabo esihloko sithi Empini.
“UMavula uthathe ingoma yethu ethi Uyaya Yini Empini wayibiza ngokuthi Uyaya Yini Ehholo. Abantu bayathuka uma sebezwa noMavula esesho kanje. Abanye basola nokuthi uMavula usegadla kithina ngoba thina asiculi emahholo kodwa siqashwa emicimbini hhayi emiqhudelwaneni yesicathamiya,” kusho uKhethokwakhe.
Isolezwe lizizwile izingoma, eye-All Black Professional ikwiCD yayo ethi Isonto kanti ekaMavula ikwiCD yeZulu Messengers ethi Iqhikiza Lebhayi. Eziphendulela uMavula uthe ubhecwa ngobende inyama engayidlanga ngoba leli qembu uyaqala ukuzwa ngalo.
“Awu ngamampunge lawo likuphi lona lelo qembu? Bazifunela udumo nje, awubabuze kuliphi lona ihholo,” kusho uMavula.
Uthe uyafisa ukuyizwa leyo ngoma ye-All Black Professional ngoba ziyamhlekisa izinsolo zabo.
Ebuzwa ukuthi uMavula wayizwa kanjani ingoma yakhe, uKhethokwakhe uthe bake bashiyelana inkundla noMavula kumafestivali esicathamiya futhi wamnikeza iCD yakhe.
“Wayithatha wayoyidlala, wabuye wayincoma kakhulu ethi uyaqala yena ukulalela iCD engeqi ngoma. Ngishaqekile ukuzwa naye esesho njengathi engomeni yakhe,” kusho uKhethokwakhe.
UKhethokwakhe uthe ubezimisele ngokuqhudelana noMavula emncintiswaneni wesicathamiya osehholo laseSub 5 KwaDabeka ngaseClermont ngoMashi 10 kusukela ngo-8 ebusuku, okubangwa isiteki sikaR25 000.
“Ngicelile kuMavula kade ngihlangana naye esikhumulweni samabhanoyi kodwa wenqaba, ngathi asinandise naye nalapho wenqaba ngoba uyangesaba. Uwazi kahle amagalelo ami emculweni kodwa akafuni ukusivuma,” kuphetha uKhethokwakhe.
UMavula uthe uyakhumbula ehlangana noMeyiwa emnikeza i-demo kodwa wangayilalela kodwa waphika ukuthi uke wamcela udede.
“Unamanga uma ethi ungicele udede,” kusho uMavula.