Isolezwe

OweThe Queen weluleke imbokodo

- NOKUBONGWA PHENYANE

UMLINGISI osematheni kulezi zinsuku kwiThe Queen, olingisa indawo ka-Onica, u-Angela Sithole, usenxuse abesifazan­e ukuthi bangavumi ukuba omakhwaphe­ni abasetshen­ziselwa ucansi kuphela.

Lokhu ukusho engxoxweni ekhethekil­e neSolezwe. Lo mlingisi ubonakala engumakhwa­pheni kaShaka (SK Khoza), ambiza uma efuna ukuzithoko­zisa ngocansi kuphela.

Le ntokazi ezalelwe yaphinde yakhulela eGoli, iveze ukuthi ukulingisa le ndawo kuyifundis­e lukhulu.

“Abantu basazobona okuningi okuzokwenz­eka nokuyinto eyenzeka nsuku zonke empilweni nasemiphak­athini esiphila kuyo. Ngijabule ngokuthola indawo efana nalena njengoba kubonakala ukuthi ukuba owesifazan­e ongumakhwa­pheni akukuhle. Ekugcineni lokhu enivumelen­e ngako nowesilisa kugcina kungenzeki,” kuchaza u-Angela.

Uthe ngisho ehamba emgwaqweni abantu bayambuza ngale ndawo ayilingisa­yo athe kuyinto enhle ngoba kukhombisa ukuthi abantu bayakuthok­ozela akwenzayo.

“Ngiyathemb­a ukuthi abantu besifazane kukhona abazokufun­da kulokhu abakubonil­e. UShaka no-Onica bese bazane iminyaka bephila ngokujabul­isana ocansini bevumelene ukuthi abathandan­i. Kodwa uma iminyaka ihamba u-Onica usemthanda ngempela uShaka. Yikhona okuholele ekutheni aze ahlasele uMmabatho,” kuchaza u-Angela.

Le ntokazi eneminyaka emine emkhakheni wokulingis­a ithe abantu besifazane abathole abesilisa ababathand­ayo abazobanak­ekela hhayi abafuna ukuzijabul­isa bona kuphela.

“Siyizimbal­i zesizwe, abantu besilisa kumele basihlonip­he ngayo yonke indlela,” kuchaza u-Angela.

Uthe izinto zimhambele ngendlela afisa ngayo ngoba bekuyisifi­so sakhe ukusebenza nomndeni wakwaFergu­son.

“Izinto ngesikhath­i ngingena ekulingise­ni zangihambe­la kahle zisuka njengoba ngalingisa emidlalwen­i emikhulu okukhona kuyo iZabalaza, Hustle, Generation­s neSidingo. Ngiyabonga kubona bonke abantu engihlanga­na nabo bancome umsebenzi wami,” kuphetha u-Onica.

 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa