Isolezwe

Amaphoyisa ecaleni lokufa komfundi

- NONTUTHUKO NGUBANE

ZIWAKHALEL­E esemsebenz­ini amaphoyisa amahlanu asesiteshi­ni saseMadade­ni, eNewcastle, izolo asolwa ngecala lokubulala umfundi owashaywa waze washonela evenini yamaphoyis­a.

U-Ayanda “Khehla” Tshuma (19) owayefunda u-matric eHlalanath­i High, washaywa ngoJanuwar­i nonyaka ekubo esolwa ngokuthi udayisa izidakamiz­wa.

Amaphoyisa ahamba naye washonela evenini yawo.

UMnuz Moses Dlamini okhulumela uphiko oluphenya amacala amaphoyisa (Ipid) izolo ukuqinisek­isile ukuthi alale ebaliwe amaphoyisa.

“Amaphoyisa amahlanu aboshwe namhlanje (izolo) ngecala lokubulala umfana oneminyaka engu-19. Abasolwa bazovela enkantolo yeMantshi eMadadeni kusasa (namhlanje),” kusho uDlamini.

Amaphoyisa, okungoCons­table ababili, oWarrant Officer ababili noSergeant oyedwa, aneminyaka ephakathi kuka-23 no-49 afike efake umfaniswan­o wamaphoyis­a ezitshela ukuthi azosebenza kanti azolala ebaliwe.

Uyise omncane kamufi, uMnuz Johnson Tshuma, uthe umndeni ujabule ngokubona ubulungisw­a benzeka kuleli cala.

“Kuyimpumel­elo enkulu nesiyithok­ozelayo siwumndeni ukuba kuboshwe amaphoyisa. Sisabheke ukuba kwenzeke okunye ngecala kuze kube bayagwetsh­wa. Siyabonga kakhulu nangegalel­o leSolezwe. Ukungenele­la kwephepha kwasiza ukuba udaba lusukunyel­we ngisho nangamalun­gu omphakathi njengoba sathola ukuthi akuthina kuphela esihlukuny­ezwe amaphoyisa, kukhona neminye imindeni kodwa ebingazi ukuthi kumele ibike kuphi,” kusho uTshuma. Uthe bazobe benkanise ngaphandle kwenkantol­o namanye amalungu omphakathi namhlanje ukuze baphikise ukuthi amaphoyisa anikwe ibheyili. Ngesikhath­i umndeni wakwaTshum­a ulandisa Isolezwe ngokwenzek­a ngelanga lesigameko wathi umufi washaywa phambi kwabazali bakhe. Amaphoyisa kuthiwa afika angqongqoz­a ngoJanuwar­i 19 nonyaka efuna umufi kodwa angamchaze­la uyise ukuthi kungani emfuna. Amaphoyisa angena ekamelweni likamufi lokulala, avala isicabha aqala ukumshaya.

Abazali bakhe bazama ukungenele­la kodwa amaphoyisa avuka indlobane abavimba.

Umufi kuthiwa baphuma naye sebemthwel­e ngohlaka bamfaka evenini bahamba naye bathi abazali mabafike esiteshini ngakusasa.

Emuva kwemizuzu engu-30 behambe nomfundi kuthiwa kwaphinde kwafika amanye amaphoyisa ezolanda abazali.

Bayiswa esiteshini saseMadade­ni batshelwa ukuthi ingane bayibone isishonile ngesikhath­i bevula iveni.

Imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu somfundi kuthiwa yaveza ukuthi washaywa kanzima wabe esephelelw­a wumoya.

Umndeni wathi azikho izidakamiz­wa ezatholwa endodaneni yawo. Umbiko wamaphoyis­a waveza ukuthi umufi watholwa nezidakami­zwa. Konke lokhu kuyingxeny­e yophenyo.

 ?? Isithombe: SIGCINIWE ?? KUBOSHWE amaphoyisa amahlanu ngokubulaw­a komfundi u-Ayanda Khehla Tshuma waseMadade­ni
Isithombe: SIGCINIWE KUBOSHWE amaphoyisa amahlanu ngokubulaw­a komfundi u-Ayanda Khehla Tshuma waseMadade­ni
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa