Amaphoyisa ecaleni lokufa komfundi
ZIWAKHALELE esemsebenzini amaphoyisa amahlanu asesiteshini saseMadadeni, eNewcastle, izolo asolwa ngecala lokubulala umfundi owashaywa waze washonela evenini yamaphoyisa.
U-Ayanda “Khehla” Tshuma (19) owayefunda u-matric eHlalanathi High, washaywa ngoJanuwari nonyaka ekubo esolwa ngokuthi udayisa izidakamizwa.
Amaphoyisa ahamba naye washonela evenini yawo.
UMnuz Moses Dlamini okhulumela uphiko oluphenya amacala amaphoyisa (Ipid) izolo ukuqinisekisile ukuthi alale ebaliwe amaphoyisa.
“Amaphoyisa amahlanu aboshwe namhlanje (izolo) ngecala lokubulala umfana oneminyaka engu-19. Abasolwa bazovela enkantolo yeMantshi eMadadeni kusasa (namhlanje),” kusho uDlamini.
Amaphoyisa, okungoConstable ababili, oWarrant Officer ababili noSergeant oyedwa, aneminyaka ephakathi kuka-23 no-49 afike efake umfaniswano wamaphoyisa ezitshela ukuthi azosebenza kanti azolala ebaliwe.
Uyise omncane kamufi, uMnuz Johnson Tshuma, uthe umndeni ujabule ngokubona ubulungiswa benzeka kuleli cala.
“Kuyimpumelelo enkulu nesiyithokozelayo siwumndeni ukuba kuboshwe amaphoyisa. Sisabheke ukuba kwenzeke okunye ngecala kuze kube bayagwetshwa. Siyabonga kakhulu nangegalelo leSolezwe. Ukungenelela kwephepha kwasiza ukuba udaba lusukunyelwe ngisho nangamalungu omphakathi njengoba sathola ukuthi akuthina kuphela esihlukunyezwe amaphoyisa, kukhona neminye imindeni kodwa ebingazi ukuthi kumele ibike kuphi,” kusho uTshuma. Uthe bazobe benkanise ngaphandle kwenkantolo namanye amalungu omphakathi namhlanje ukuze baphikise ukuthi amaphoyisa anikwe ibheyili. Ngesikhathi umndeni wakwaTshuma ulandisa Isolezwe ngokwenzeka ngelanga lesigameko wathi umufi washaywa phambi kwabazali bakhe. Amaphoyisa kuthiwa afika angqongqoza ngoJanuwari 19 nonyaka efuna umufi kodwa angamchazela uyise ukuthi kungani emfuna. Amaphoyisa angena ekamelweni likamufi lokulala, avala isicabha aqala ukumshaya.
Abazali bakhe bazama ukungenelela kodwa amaphoyisa avuka indlobane abavimba.
Umufi kuthiwa baphuma naye sebemthwele ngohlaka bamfaka evenini bahamba naye bathi abazali mabafike esiteshini ngakusasa.
Emuva kwemizuzu engu-30 behambe nomfundi kuthiwa kwaphinde kwafika amanye amaphoyisa ezolanda abazali.
Bayiswa esiteshini saseMadadeni batshelwa ukuthi ingane bayibone isishonile ngesikhathi bevula iveni.
Imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu somfundi kuthiwa yaveza ukuthi washaywa kanzima wabe esephelelwa wumoya.
Umndeni wathi azikho izidakamizwa ezatholwa endodaneni yawo. Umbiko wamaphoyisa waveza ukuthi umufi watholwa nezidakamizwa. Konke lokhu kuyingxenye yophenyo.