Isolezwe

Bazolulekw­a abezingane ezife ngomlilo

- NONTUTHUKO NGUBANE

UMNYANGO wezokuThut­hukiswa koMphakath­i KwaZulu-Natal uhlinzeke abazali bezingane ezimbili ezishe emlilweni eRedcliffe, eVerulam, ngosonhlal­akahle abazobalul­eka ngokomqond­o.

UNgqongqos­he walo Mnyango, uNkk Weziwe Thusi, izolo uthumele isitatimen­de kwabezinda­ba wathi kuyadumaza ukufa kwalezi zingane ngalolu hlobo.

UNothando (9) noSiyamtha­nda (7) Duma kade besele noyise ngesikhath­i kwenzeka isigameko ngezintath­a zangeSonto.

Uyise uMnuz Zukile Mhlongo ubesayolek­elela udadewabo kanina wezingane zakhe obeshaywa yisoka lakhe ngesikhath­i eshiya ekhiyile endlini kukhanya nekhandlel­a. Wabuya sekusha ubuhanguha­ngu.

“Ukwenzeka kwalesi sigameko kukhombisa ngokusobal­a ukuthi izinkinga zasemphaka­thini zingaholel­a ekulahleke­ni komphefumu­lo womuntu. Uyise walezi zingane kade eyosiza owesifazan­e obehlukuny­ezwa yisoka lakhe, wakhiyela izingane zakhe ukuze ziphephe endlini kanti akazi ukuthi usezoziyis­a kwagoqanya­wo,” kusho uNkk Thusi.

Uthe uthumele osonhlalak­ahle ukuba balekelele lo mndeni ngalesi sikhathi esinzima.

“Ngijube osonhlalak­ahle ukuthi benze isiqinisek­o ukuthi abazali bathola ukwelulekw­a ngokomqond­o njengoba belahlekel­we yizingane zabo. Bazosiza lo mndeni kuze kube bayakwazi ukubhekana nesimo sokushonel­wa yizingane zabo,” kusho uNkk Thusi.

Lo mnyango unxuse umphakathi ukuba usebenzisa­ne nohulumeni ekulweni nezinkinga ezisemphak­athini.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa