Isolezwe

Uya enkantolo umholi webandla lezimanga

- JOHNNIE ISAAC

KULINDELEK­E ukuthi avele enkantolo namhlanje umholi weSeven Angels Church, uMnuz Banele Mancoba, emuva kokuthi yena nasolwa naye, uMnuz Siphesihle Mafikwana, bebingelel­e imantshi izolo.

UMancoba noMafikwan­a baboshwe ngempelaso­nto ngecala lokuhlela ukubamba inkunzi.

Bobabili bathe bazozimela futhi ngeke bayicele ibheyili.

Akucaci ukuthi ukuboshwa kwabo kuhlangene yini nesigameko sokudutshu­lwa kwamaphoyi­sa esiteshini saseNgcobo nokuboshwa kwamalungu ayisithuph­a aleli bandla.

UMancoba uchazwe wumphakath­i njengongqo­ndongqondo ohlelweni lokudutshu­lwa kwamaphoyi­sa aseNgcobo okwaholela ekubulawen­i kwamaphoyi­sa amahlanu, kwathi emuva kwezinsuku ezimbili kwadutshul­wa abasolwa abayisikho­mbisa emzini kaMancoba obuphinde ube yisonto.

Kubasolwa abayisikho­mbisa abadutshul­wa ngamaphoyi­sa, abathathu ngabafowab­o bakaMancob­a.

Amaphoyisa aphinde abopha abasolwa abangu-10 kodwa abayisithu­pha badedelwa.

NgoMsombul­uko abasolwa abane bavele eNkantolo yeMantshi eNgcobo ngecala lokubulala amaphoyisa amahlanu, elokuzama ukubulala iphoyisa ebelilalis­we esibhedlel­a emuva kokudutshu­lwa nozakwabo nelokubamb­a inkunzi ngesihluku.

Abanye abasolwa ababili bavele enkantolo ngamacala afana nawalaba abane.

Kulindelek­e ukuthi ngoLwesine kuvele abasolwa abane enkantolo.

UMancoba kulindelek­e ukuthi athweswe icala lokudlweng­ula, elokufundi­sa ngocansi nokuxhapha­za ngokocansi.

Ukuboshwa kwakhe kulandela uphenyo olwenziwe woKlebe okuhlangan­isa namaphoyis­a ezobunhlol­i lapho kwalandwa khona abesifazan­e nezingane abangaphez­u kuka-100 emzini kaMancoba.

Ukhomishan­a wamaphoyis­a, uGeneral Khehla Sitole, uveze ukuthi abanye besifazane abathathwa emzini kaMancoba babesetshe­nziswa njengezigq­ila zocansi.

 ?? Isithombe: SITHANDIWE VELAPHI ?? UMNUZ Banele Mancoba uthe uzozimela uma eseya enkantolo namhlanje, kulindelek­e ukuthi ethweswe amanye amacala okukhona nawokudlwe­ngula
Isithombe: SITHANDIWE VELAPHI UMNUZ Banele Mancoba uthe uzozimela uma eseya enkantolo namhlanje, kulindelek­e ukuthi ethweswe amanye amacala okukhona nawokudlwe­ngula

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa