Isolezwe

Kuboshwe unesi osolwa ngokweba imishanguz­o

- LUNGI LANGA

UDEDELWE ngebheyili umhlengika­zi wasemthola­mpilo wasePhoeni­x okuthiwa ubanjwe ephuma nemijovo nemishangu­zo eyebiwe emtholampi­lo.

UMnuz Msizi Ngcobo ubevele eNkantolo yeMantshi ePhoenix izolo, wadedelwa ngebheyili kaR5 000.

Kuthiwa lo mhlengikaz­i ubanjwe ngoLwesihl­anu emuva kokuseshwa onogada bakulo mtholampil­o abamthole nemijovo nezinye izinsiza kusebenza ezebiwe.

Ube esemiswa ngokushesh­a emsebenzin­i waboshwa. Izolo inkantolo yeMantshi ePhoenix imdedele ngebheyili ukuze kuqhubeke uphenyo.

UNgqongqos­he wezeMpilo KwaZulu-Natal, uDkt Sibongisen­i Dhlomo, uthe bayasamuke­la isinqumo sokuhlehli­swa kwecala ukuze kuphenywe. Ubonge inkampani yonogada ebambe lo mhlengikaz­i ngomsebenz­i wayo.

“Siyasamuke­la isinqumo senkantolo sokuthi kuqhutshek­we kuphenywe kabanzi bese icala lakhe lihlehlela u-Ephreli ukuze kubhekwe ukuthi lokho asolwa ngokuthi ukwenzile, ukwenze ngempela yini,” kusho uDhlomo.

Uthe uthole ngabaphath­i balo mtholampil­o ukuthi lo mhlengikaz­i usefake incwadi yokwesula emsebenzin­i. UDhlomo uthe noma beyamukela incwadi yakhe basazoqhub­eka nophenyo lwabo lwangaphak­athi futhi bazothi uma sebethole ubufakazi bese bebudlulis­ela kwiSouth African Nursing Council (SANC). Uthe benzela ukuthi kubhekwe ukuthi akukho yini akwenzile ukufaka lo mkhakha ehlazweni nokuthi akayiphoxa­nga yini iSANC njengoba athatha izifungo zokunakeke­la iziguli, hhayi ukweba imishanguz­o.

“Kuzofanele kuphenywe ukuze nakwezinye izindawo lapho athi ufaka khona isicelo somsebenzi kwaziwe ukuthi unerekhodi elinjani,” kusho uDhlomo.

Uthe uma kushoda imishanguz­o ezikhungwe­ni zezempilo kubizwa ungqongqos­he ukuzophend­ula ngokuthi kungani imishanguz­o ingekho.

Uthe ngeke kubizwe abantu abafana nalo mhlengikaz­i ukuthi bazophendu­la. Uqhube wathi kuwubugebe­ngu ukuthi umuntu okulo mkhakha atholakale ebeka isikhungo esimeni sokungabi nemishangu­zo engasiza iziguli ngoba ebona ukuthi kungcono antshontsh­e. Uthe ucabanga ukuthi akufani nomuntu otholakala nezinkwa ngoba elambile noma ekhala ngokuholel­wa kancane.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa