Isolezwe

UCele ufuna kuphenywe amasonto

- MLUNGISI GUMEDE

UNGQONGQOS­HE wamaPhoyis­a kuleli uMnuz Bheki Cele usephakami­se ukuthi aphenywe amabandla ngemuva kokubanjwa kwabanye abasolwa abathintek­a esehlakalw­eni sokusocong­wa kwamaphoyi­sa esiteshini saseNgcobo, e-Eastern Cape, bebhace esontweni.

Ekhuluma emngcwaben­i wephoyisa elishone ngemuva kokudutshu­lwa izigebengu, uCaptain Dumisani Mhlanzi eMudeni ngempelaso­nto, uCele uthe ukhathazek­ile ngendlela amanye amabandla enza ngayo.

“Izinto okuthiwa zenzeka kuleli sonto laseNgcobo, iSeven Angels, zenza kube nesidingo sokuthi siwaphenye kabanzi amasonto ngoba kuyacaca ukuthi ziningi izinto ezenzeka kuwo eziphamben­e,” kusho uCele.

Uthe abayisi izingane emasontwen­i ukuthi ziyofuthwa ngama-doom ziphinde ziphuziswe ophethroli.

“Uma abantu sebedliswa utshani izimbuzi zizodlani?” Kubuza uCele.

Uthe ngokuphaka­misa ukuthi kuphenywe amasonto akasho ukuthi awavalwe.

UCele uphawula kanje, sikhulu isikhalo emphakathi­ni mayelana nemigiling­wane eyenzeka kwamanye amasonto kuleli.

Ngenxa yemigiling­wane eyenzeka kwamanye amasonto, uhulumeni uze wasungula iKhomishin­i evikela Inkolo, Izilimu namaSiko ephethwe nguDkt Thoko Xaluva-Mkhwanazi.

Le khomishini iphenya kabanzi ngezinto eziningi kubalwa nokuhlukun­yezwa kwabazalwa­ne emabandlen­i ngemuva kokuthola izikhalo.

Baningi abafundisi abadumile asebebizel­we kule khomishini, abanye babo banqaba nokuholele ekutheni kuze kumangalel­wane.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa