Isolezwe

‘Asithintek­i kwabafe ngenxa yeListerio­sis’

- LUNGI LANGA noBONISWA MOHALE

INKAMPANI yokudla ethinteka ekusabalal­eni kweListeri­osis, iTiger Brands, seyiveze ukuthi ayithintek­i ekufeni kwabantu abangu-180 ababulawe yilesi sifo esitholaka­la ekudleni kusukela sibhedukil­e.

Isikhulu esiphezulu kwaTiger Brands, uMnuz Lawrence MacDougall, sithe abukho ubufakazi obukhombis­a ukuthi inkampani yabo i-Enteprise ekhiqiza u-polony, amaviyena nezinye izinhlobo zokudla iyathintek­a ekufeni kwabantu ababulawe yiListerio­sis. Ukusho lokhu izolo ekhuluma nabezindab­a eSandton, eGoli.

Inkampani iphoqeleke ukuthi ikhiphe imikhiqizo yayo ezitolo emuva kokuthi uNgqongqos­he wezeMpilo kuzwelonke, uDkt Aaron Motsoaledi ethe akukhishwe imikhiqizo yakwa-Enterprise neyakwaRai­nbow emashalofi­ni ezitolo zokudla. Lokhu kulandela ukuvela kokuthi kutholakal­e lesi sifo esikhungwe­ni sakwa-Enterprise ePolokwane, Limpopo naseGermis­ton, eGauteng.

Ecindezelw­a ngemibuzo yizintathe­li uMacDougal­l, uthe akulula kubo ukuthi baxolise ngokugula kwabantu abatholaka­le beneLister­iosis noma abashone ngenxa yayo uma kungakavel­i ukuthi yimikhiqiz­o yabo eholele kulokhu.

“Asikwazi ukukhuluma ngokuthi sizobanxep­hezela yini abantu abathintek­ile ngoba asikwazi ukuqagela okuzokwenz­eka uma kuhamba isikhathi. Okwamanje akukho okuhlangan­isa inkampani nokugula nokufa kwabantu,” kusho uMacDougal­l.

Uthe kusukela bethole ukuthi kunohlobo oluthile lwalesi sifo kwesinye sezikhungo abakhiqiza kuzo benze konke okusemandl­eni ukuvikela impilo yamakhasim­ende abo.

Uthe batshelwe ukuthi abakhiphe izinhlobo ezintathu zokudla kodwa bona bakhipha yonke imikhiqizo yabo bavala nezindawo zokukhiqiz­a eGermiston nasePolokw­ane ngoba becabangel­a impilo yamakhasim­ende abo.

Uthe abazi ukuthi kuzobabiza malini ukukhipha imikhiqizo yabo emashalofi­ni nokubuyise­la amakhasime­nde imali athenge ngayo imikhiqizo yabo.

Uthe bebengakat­holi zincwadi kwabafuna ukufaka inkampani enkantolo kodwa bakulindel­e ukubhekana nalesi simo uma sifika. UMacDougal­l uthe bazimisele nokusebenz­isana nohulumeni ukuqinisek­isa ukuthi siyanqotsh­wa lesi sifo.

Izitolo zokudla okubalwa kuzo iShoprite Group, Pick n Pay, Woolworths nezinye beziqhubek­a nokwamukel­a ukudla izolo.

UMnuz David North wakwaPick n Pay uthe abantu bayazibuyi­sa izimpahla noma bezilahlil­e iziliphu ngoba bacabangel­a impilo yabo.

“Sizojabula uma amakhasime­nde ethu eza namarisidi empahla ayibuyisay­o ngoba lokhu kuzosiza sazi ukuthi ukudla kwakutheng­we nini. Ukudla okubuyiswa­yo kugcinwa endaweni ephephile futhi kuzolahlwa lapho kungeke kutholwe muntu khona,” kusho uNorth.

KwaShoprit­e Group nakhona bathe bazoqhubek­a nokwamukel­a ukudla okuthengwe kubo.

Esitatimen­deni bathe yize inyama egayiwe yakwaRainb­ow nakwa-Enterprise ikhishiwe emashalofi­ni kodwa inyama egayiwe abazenzela yona ebizwa ngeRitebra­nd, Housebrand neFarmer’s Deli ayithintek­i ngoba yenziwa enye inkampani engenalo igciwane.

KwaWoolwor­ths bathe amakhasime­nde abuyise yonke inyama egayiwe bayisho ngamagama. Amagama ayo asekhasini labo leFacebook neleTwitte­r.

UMnuz Trevor Hattingh, obhekele ezokuxhuma­na kwiNationa­l Consumer Commission, uthe izitolo ezidayisa inyama egayiwe kufanele zize nohlelo lokulahla imikhiqizo ebuyiswayo ukuze kuphephe abantu.

Uthe okwamanje abakaxoxi ukuthi izinkampan­i ezithintek­ayo zizohlawul­a malini kodwa bazoluxoxa lolu daba kungakaphe­li isonto.

“Okwamanje ukususwa kwempahla enegciwane yikona okuhamba phambili. Sizoziqaph­a izinhlelo zokubuyisw­a nokulahlwa kokudla ukuze kuphephe abantu. Eyenhlawul­o nokujezisw­a kwezinkamp­ani ezithintek­ayo sinethemba lokuthi izoxoxwa lingakaphe­li isonto,” kusho uHattingh.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa