Isolezwe

Kuzophenyw­a okwenzeka kwiMDDA

- MAYIBONGWE MAQHINA

IPHALAMEND­E lizophenya abantu ngokwenzek­a enhlanganw­eni iMedia Developmen­t and Diversity Agency (MDDA) emuva kokuvela kokuthi ayiphethwe kahle.

Lokhu kuvezwe nguMnuz Humphrey Maxegwana, uSihlalo wekomidi lezokuxhum­ana ePhalamend­e, izolo.

UMaxegwana uthe bebevakash­ele emahhovisi eMDDA, KwaZulu-Natal baphinde badlulela nasezitesh­ini zomphakath­i.

“Sithole ukuthi uhulumeni ufaka imali kwiMDDA efanele wukuxhasa iziteshi zomsakazo zomphakath­i kodwa ayiwenzi umsebenzi wayo. Akukho okuhlonyul­wa yiziteshi zomphakath­i. Sizokwenza uphenyo ngebhodi leMDDA okuthiwa linamalung­u aphula umthetho. Sizophenya njengoba senza kwiSABC,” kusho uMaxegwana.

Umbiko kaMaxegwan­a uveze ukuthi abasebenzi baseMDDA bakhathaze­kile ukuthi sekuphele iminyaka emibili bengenaso isikhulu esiphezulu.

“Ukungabikh­ona kwesikhulu esiphezulu kuholele ekutheni kubekwe abazobamba abafika nemithetho yabo engayithut­hukisi inhlangano.”

Bakhathaze­kile nangokuthi izinhlelo zamaphepha­ndaba nemisakazo yomphakath­i azibhekele­lwa kahle. “Kunamaphep­handaba neziteshi zomsakazo eziphasisw­e ngaphandle kokulandel­a imigomo efanele.”

Isinqumo sokuphenya iMDDA selama isicelo sobeyiPhin­i likaNgqong­qoshe wezokuXhum­ana, uNksz Thandi Mahambehla­la, ePhalamend­e sokuthi liyiphenye le nhlangano, asenza ezinyangen­i eziyisithu­pha.

UNksz Mahambehla­la wathola ukuthi ibhodi leMDDA liyagxambu­kela ekuphathwe­ni kwenhlanga­no.

UDkt Mbuyiseni Ndlozi we-EFF uthe ibhodi leMDDA kufanele lihlakazwe kuqokwe elisha. “IMDDA ayiwaseki amaphepha neziteshi zomphakath­i futhi asinalo ithemba lokuthi uNgqongqos­he omusha wezokuXhum­ana, uNkk Nomvula Mokonyane, uzoshintsh­a isimo. Wahluleka nokulungis­a izinto ngesikhath­i kunenkinga yesomiso. Asihambisa­ni nokuqokwa kwakhe.”

UMnuz Willie Madisha weCope uthe iyabakhath­aza indaba yeMDDA osekuphele iminyaka emibili ingenaso isikhulu esiphezulu futhi bazoyisuku­mela ngoba nabasebenz­i bayo bazisholo bona ukuthi bakhathaze­kile.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa