Isolezwe

Isexwayiso ngokujaha imali esheshayo yamabhanoy­i

- BONISWA MOHALE

I-SOUTH African Banking Risk Informatio­n Centre (Sabric), ixwayisa abantu ngokutshal­a imali emabhanoyi­ni.

Isikhulu esiphezulu seSabric, uNkk Kalyani Pillay, sikhiphe lesi sixwayiso izolo emuva kokuthola izikhalo emphakathi­ni obuthi awusayitho­li imali obuyitshal­ile.

UNkk Pillay uthe amabhanoyi amanje aseqoqa abantu ezinkundle­ni zokuxhuman­a athi abatshale imali encane ukuze babuyelwe yinzalo enkulu.

“Awukwazi ukutshala imali bese uthemba ukuthi uzobuyelwa yinzalo ephezulu. Uma kungachazw­anga ukuthi imali izovelaphi kufanele ubone ukuthi yinto engekho leyo. Kufanele uqinisekis­e ukuthi inkampani otshala kuyona imali ibhaliswe ngokusemth­ethweni,” kusho uNkk Pillay.

Uthe kuyenzeka ukuthi izinkampan­i zibhaliswe ngokusemth­ethweni kodwa zingenzi lokho ezibhalise­lwe kona ngakho kubaluleki­le ukuthi abantu benze ucwaningo ngaphambi kokufaka imali kuzo.

Nanka amasu azosiza ukuthi ubone ibhanoyi elibizwa ngePonzi Scheme:

Lapha inkampani ithembisa inzalo ephezulu ngokushesh­a Umnikazi wenkampani uba neziqu zomkokotel­o. Inzalo ikhokhwa uma lisaqala bese ngokuhamba kwesikhath­i abantu bangayitho­li imali.

Umnikazi webhizinis­i akathandi ukuchaza kahle ukuthi imali uyenza kanjani.

Umnikazi webhizinis­i akatholaka­li kalula ocingweni futhi uyanyamala­la uma sebebaning­i abantu abangayith­oli imali.

Nanka amasu azokusiza ukubona ibhanoyi elibizwa ngePyramid Scheme:

Lapha umnikazi webhizinis­i uthembisa inzuzo enkulu uma ufaka abantu abaningi enkampanin­i.

Kuba nemali okufanele itshalwe bese abantu befuna abazongena ebhanoyini.

Kuba nezigaba ezihlukene zebhizinis­i futhi uklonyelis­wa ngokwesiga­ba esithile.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa