Nezitolo ezincane azibhekwe zingaqhubeki nokunegciwane
UPOLONY namaviyena nenye inyama egayiwe okunye kokudla okuhlale kukhona emindenini eminingi ikakhulukazi eyabantu abamnyama. Lokhu kungenxa yokuthi kushibhile futhi kwanela abantu abaningi ngoba imindeni yethu ivame ukuba mikhulu.
Izingane zikusebenzisa kakhulu uma zenza amasemishi esikole, kulula ukukwenza futhi kuyashesha.
Kuyathandeka nakubantu abadala ngoba ngisho umuntu ethenga igwinya kuvamile ukuthi alidle no-polony kanti nokwenza ama-hot dogs yinto ejwayelekile ngisho emicimbini.
Yingakho nje zithuthumelisa izindaba zokuthi isifo eselibulale abantu abangu-180 esaziwa ngokuthi yi-listeriosis sitholakala ku-polony nakumaviyena njengoba kumemezele uNgqongqoshe wezeMpilo, uDkt Aaron Motsoaledi, ngeSonto.
Imiphumela yophenyo ebelwenziwa nguMnyango wezeMpilo luveze nanokuthi amaviyena no-polony osekutholakale umsuka waleli gciwane kuwo yilawo akwa-Enterprise nakwaRainbow kodwa bacelile ukuthi abantu baqaphe uma bedla lokhu kudla noma ngabe okwakephi nayo yonke enye inyama igayiwe.
Izitolo ezinkulu azipholisanga maseko zaqala zakuhoxisa lokhu kudla futhi zigqugquzele nabantu ukuthi babuyise abebekuthengile.
Siyathemba-ke ukuthi njengoba usutholakele umsuka waleli gciwane, sekuzonqandeka ukufa kwabantu ngoba lezi zindawo ezimbili eseLimpopo naseFree State lapho kuthiwa yilapho leli gciwane lisukela khona zizobhekisiswa futhi zizoke zime ukusebenza kuze kube nesiqiniseko sokuthi sekuphephile ukugaya ukudla kuzona.
Okunye okumqoka ukuthi zibhekisiswe nezitolo ezincane ezidayisa lokhu kudla ukuthi aziqhubeki yini nokudayisela abantu ngoba bakhona abantu abaqhubekayo yize sekushiwo ukuthi into ethile iyingozi, ayiyekwe.
Abanye bazowadoba amakhasimende ngokuthi bavele bakufake endalini lokhu kudla. Engathi nabantu bangazicabangela bona, bangajahi ukuthenga ngoba kusendalini ekubeni bezobe bebeka impilo yabo engozini.
Kufanele uMnyango wezeMfundo eyisiSekelo ubaqaphe ngeso lokhozi ngempela abaphakela abantwana ezikoleni ukuthi abakusebenzisi lokhu kudla.