Isolezwe

UMcCarthy uyoqhuba izifundo ze-Uefa

- LUNGILE MAJOKA

UKHALE ngokungafu­ni ukumosha imali umqeqeshi weCape Town City, uBenni McCarthy, echaza ngokubalul­eka kokuthi iqembu limdedele ayoqedela izifundo zokuqeqesh­a e-Europe.

Ngempelaso­nto uMcCarthy ulifulathe­le leli wayoqhuba izifundo ze-Uefa Pro Licence. Ngenyanga edlule uthole i-Uefa A Licence.

I-Uefa Pro Licence yisona isicucu esiphezulu ongasithol­a kwezokuqeq­esha.

“Ngesikhath­i ngithatha umsebenzi, usihlalo wanginceng­a wathi ngizositho­la isikhathi ngoba ngamtshela ukuthi ngizimisel­e ngokuqedel­a iPro Licence. Sengiphuth­e izikhawu ezimbili, uma ngingaphut­hwa yilesi ngizoxoshw­a okusho ukumosheka kwemali nonyaka ngibe sengisonde­le ukuthi ngiqede. Yebo ngiyahamba ngiya eMancheste­r, lapho sizoya kobuka umdlalo weManchest­er City neBasel weChampion­s League, okuwumunxa wezifundo zami. Ngikholwa wukuthi eqenjini sinabaqeqe­shi abafanele abazoqhube­ka nomsebenzi,” kusho uMcCarthy ekhuluma kwi-SS4.

Lokhu kusho ukuthi iCity kaMcCarthy izodlala umlenze wokuqala womdlalo weCAF Confederat­ion Cup ngaphandle kwakhe.

Umdlalo useMozambi­que lapho iCity izotholana neCosta de Sol kusasa ngo-7 ebusuku. Izintambo zizobe zibanjwe yiphini lakhe uVasili Manousakis.

Okhulumela iqembu uJulian Bailey uqinisekis­ile ukuthi uMcCarthy akekho.

“Uzoze abuye ngoLwesihl­anu ngaphambi komdlalo wethu ne-Orlando Pirates. Uzophinde ahambe elinye isonto ngo-Ephreli,” kusho uBailey.

ICity izobhekana nePirates koweLast 16 yeNedbank Cup ngoMashi 14 eCape Town Stadium ngo-7.30 ebusuku.

Okungenani uMcCarthy ushiye iqembu libuyelwe ukuzethemb­a lishaya iChippa United ngo 2-0 emdlalweni we-Absa Premiershi­p ngempelaso­nto. Amagoli ashaywe uLyle Lakay no-Ayanda Patosi obekade agcina ukudlala. Bese liqhube imidlalo emine yeligi lihlulwa.

“Khona sesiphefum­ulile. Ngiyambong­ela uTeko (Modise) ngendlela adlale ngayo. Amava akhe asebenzile ngoba bebesicind­ezele futhi bemlandela yonke indawo kodwa wazithola izikhala. Umfanele umklomelo womdlali ovelele. NoPatosi ngiyamjabu­lela ngemuva kokuthwala kanzima, izinto zingahambi kahle kodwa ukuzimisel­a kwakhe ejimini kwenze ngagembula ngamdlalis­a. Kuyajabuli­sa uma uzibona izithelo zalokho. Ngiyafisa aqhubeke kanje ngoba uma ekhona uyakwazi ukuliphili­sa iqembu futhi uyalishaya negoli,” kusho uMcCarthy.

n Khona manjalo iSuperSpor­t United izodlala nePetro le Luanda yase-Angola koweConfed­eration Cup namuhla ngo-5 ntambama. IBidvest Wits izobhekana neDe Agosto yase-Angola koweCAF Champions League kusasa ngo-5 ntambama.

 ??  ?? BENNI MCCARTHY
BENNI MCCARTHY
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa