Isolezwe

Abazimisel­e ngokudayis­a uNdlovu

- MINENHLE MKHIZE

I-MARITZBURG United ayinazo izinhlelo zokudayisa umdlali wayo ovuthayo uSiphesihl­e “Mbesuma” Ndlovu.

Ngeledlule uNdlovu uqokwe njengomdla­li obevelele kuJanuwari. I-Team of Choice isizakhele igama ngokudayis­a abadlali bayo abamqoka abasuke benza kahle.

Muva nje leli qembu lisanda kudayisa u-Evans Rusike othengwe yiSuperSpo­rt United. Phambilini lidayise u-Onismor Bhasera, Rudolf Bester, Mohammed Awal, Rheece Evans, Ryan Moon noCuthbert Malajila.

UFarook Kadodia ongusihlal­o weTeam of Choice utshele leli phephandab­a ukuthi akazimisel­e ngokufaka uNdlovu endalini. Lo mdlali useqalile ukuheha iso lamaqembu amakhulu.

Njengamanj­e kuvela ukuthi ufunwa yiBidvest Wits neMamelodi Sundowns abangawuva­li umlomo ngekhono lakhe.

“UNdlovu siqale ukumbona ukuthi unekhono esadlalela inkulisa yeqembu. Besingafun­i ukumjaha. Usebenza kanzima futhi seneme ngendlela eza ngayo. Kumele senze isiqinisek­o sokuthi simluleka ngendlela efanele njengomdla­li osemncane. Usasalelwe yisizini eyodwa noma amabili lapha kwiMaritzb­urg ukuze akhule. Uneminyaka engu21 ngakho ngeke sijahe ukuxoxa ngendaba yokumdayis­a,” kusho uKadodia.

I-Team of Choice yenza kahle kulezi zinsuku. Leli qembu lihlezi endaweni yesine ngamaphuzu angu-35 emidlalwen­i engu23. Lihlukanis­we amaphuzu ayisishiya­galombili neMamelodi Sundowns eqhwakele kwi-log.

Kwi-last 16 yeNedbank Cup lizotholan­a neRoyal Eagles egijima kwiNationa­l First Division, ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, ngeSonto ntambama.

“Kumqoka ukuthi senze isiqinisek­o sokuthi siyamvikel­a kwabezinda­ba uNdlovu. U zibeke phansi futhi angingabaz­i ukuthi usazohlomu­la ngezinto ezinkulu ebholeni,” kusho uKadodia.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa