Isolezwe

Ngijabule ngefomu yami, kusho uMemela

- ZAKHELE XABA

IQHAWE le-Orlando Pirates, uLuvuyo Memela, alifuni kulingene ekhanda ukwenza kahle emidlalwen­i esanda kudlalwa yaleli qembu osekuholel­e ekutheni lishisise umbango wesicoco se-Absa Premiershi­p.

I-Pirates ikhombise ukulangaze­lela ukuwina isicoco seligi ngesikhath­i ibukisa ngeKaizer Chiefs iyihlula ngo 3-1 ngempelaso­nto. UMemela uphenduke iqhawe lePirates, eshaya amagoli amabili esuka ebhentshin­i. IBucs isisele ngamaphuzu amane kwiMamelod­i Sundowns ezihola phambili ngawu-43 esicongwen­i se-log. ISundowns isazobambe­ka emidlalwen­i yeCAF Champions League.

“Ngijabule ngefomu yami kodwa lokho angifuni kungingene kakhulu ekhanda. Lapha eqenjini wonke umuntu uyawashaya amagoli, wonke umuntu uyawakha. Ngibhekane nobunzima ezikhathin­i ezedlule ngilimala. Kodwa ngibonga uMdali ngokuthi ngibuye ngiqhubeke,” kusho uMemela.

“Ngijabule ukushaya amagoli amabili kowabakhay­a wokuqala selokhu ngafika kwiPirates. Ngeneme ngokuthi siwinile, kufanele siqhubeke nokusebenz­a kanzima. Noma ubani odlalayo usebenza kanzima, siyasizana.”

Umqeqeshi wePirates, uMilutin “Micho” Sredojevic, ucele uMemela ukuthi angaziphak­amisi njengoba esefomini wathi uma bukhona ubulungisw­a uzoba sesikwatin­i seBafana Bafana esizomenye­zelwa ngokuzayo.

UMemela, ohlulwe amanye amathuba okushaya amagoli koweChiefs, uphunyukwe yithuba lokuqopha umlando wokuba ngomunye wabadlali abashaye amagoli amathathu emdlalweni wabakhaya. Selokhu kwagcina ngoJerry Sikhosana ngo-1996 ezenzela kuBrian Baloyi emdlalweni owandulela owamanqamu weBobsave Super Bowl eFNB Stadium.

“Bengifuna ukushaya igoli lesithathu. Bengazi ukuthi kowabakhay­a akekho osashaye amagoli amathathu muva nje. Angazi kahle ngengwazi uJerry Sikhosana kodwa bengifuna ukushaya igoli lesithathu,” kusho uMemela.

IPirates izobhekana neCape Town City emdlalweni weNedbank Cup Last 16 eCape Town Stadium ngoLwesith­athu oluzayo.

Imidlalo yeNedbank Cup Last 16:

NgoLwesihl­anu: AmaZulu FC v Ubuntu Cape Town (Princess Magogo Stadium, 8pm)

NgoMgqibel­o: Baroka FC v Steenberg United (Peter Mokaba Stadium, 3.30pm); Free State Stars v Chippa United (Goble Park, 3.30pm); Kaizer Chiefs v Stellenbos­ch (Moses Mabhida Stadium, 8.15pm)

NgeSonto: Bloemfonte­in Celtic v Richards Bay (Dr Molemela Stadium, 3.30pm); Royal Eagles v Maritzburg United (Princess Magogo, 3.30pm);

NgoLwesibi­li: Mamelodi Sundowns v EC Bees (Lucas Moripe Stadium, 7.30pm)

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMDLALI we-Orlando Pirates uLuvuyo Memela ejabula ngemuva kokushaya igoli bebhekene neKaizer Chiefs emdlalweni we-Absa Premiershi­p eFNB Stadium, ngoMgqibel­o
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMDLALI we-Orlando Pirates uLuvuyo Memela ejabula ngemuva kokushaya igoli bebhekene neKaizer Chiefs emdlalweni we-Absa Premiershi­p eFNB Stadium, ngoMgqibel­o
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa