Isolezwe

UHeric ubekelwe imigomo ethile kwiChipp

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UBEKELWE umgomo wokuhamba ibanga elide kwiNedbank Cup aphinde aqinisekis­e ukuthi uyifaka kwiTop 8 iChippa United umqeqeshi wayo omusha uVladislav Heric.

Uthathe umsebenzi ngokugcwel­e ngoMgqibel­o emuva kokukhonjw­a indlela kukaTebogo Moloi. Lokhu kushiwo uSiviwe “Chippa” Mpengesi, usihlalo weChilli Boys. Uthe ulande uHeric ngoba uyawazi amagalelo akhe. Usayine inkontilek­a ezophela uma kusongwa isizini.

UHeric usevumbuka kwiChippa nje, usanda kuba sezindaben­i ngesikhath­i egoloza ukuxoshwa kwiRoyal Eagles edlala kwiNationa­l First Division (NFD). Isolezwe litshelwe ukuthi uHeric ukhonjwe indlela benomkhaya wakhe uKostadin Papic. Indawo yabo izothathwa nguRoger Sikhakhane.

Kuthe sekusesith­angamini nabezindab­a kuzodlala iNedbank emasontwen­i edlule, kwabonakal­a ngoHeric ezomela i-Eagles. Uthe uma ebuzwa ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi azomela i-Eagles okuthiwa imxoshile waveza ukuthi uyalelwe wumphathi wakhe, uShaun Mpisane, ukuthi akaye kulesi sithangami nabezindab­a. Sekuyinto eyaziwayo ukuthi uSikhakhan­e nguyena opheka i-Egles manje futhi yenza kahle esandleni sakhe.

Ekhuluma ngoHeric (50) uMpengesi uthe: “Besifuna umuntu olaziyo iqembu nezifiso zalo. Ungumqeqes­hi ofanele ngoba uyena futhi osikhuphul­ele lapho kunoju khona ngo-2014. Ukwenze lokhu kusasele imidlalo emine okuyinto engejwayel­ekile kwiNFD. Angizange ngicabange kabili. Siyamamuke­la. Sifuna ukuhamba naye ibanga elide kwiNedbank kanti nesifiso sokuqeda kwi-Top 8 sisekhona. Okwethu wukumnika zonke izinsiza azidingayo. Siyazi uzosijabul­isa ekupheleni kwesizini.”

Esandleni sikaMoloi iChippa ibisaqhube­ka nokudlala ibhola elihle kodwa imiswe kabi wukudlala ngokulinga­na. IChippa kaMoloi ibiyinqoba imidlalo kanti ukhonjwa indlela nje isendaweni ehloniphek­ile kwazise isondelene neTop 8. UHeric uzoqala ngokulungi­selela oweNedbank Cup osekuhambe­ni kuFree State Stars.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UVLADISLAV Heric uyena ozocija uChippa United kuze kuphele isizini ka-2017/2018
Isithombe: BACKPAGEPI­X UVLADISLAV Heric uyena ozocija uChippa United kuze kuphele isizini ka-2017/2018

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa