Isolezwe

UJohnson akafuni ukugilwa wuBuntu

- LUNGILE MAJOKA

AKAFUNI nokuyizwa umqeqeshi weMaZulu FC, uCavin Johnson, eyokugilwa yiqembu elidlala kwiNationa­l First Division, Ubuntu FC, azobhekana nalo kwiNedbank Cup Last 16.

Umdlalo useKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoLwesihl­anu ngo-8 ebusuku.

UJohnson ubekhuluma ngemuva kokuthi ezakhe zithelwe phansi yiMamelodi Sundowns ngo 3-1 emdlalweni we-Absa Premiershi­p obukuyona le nkundla ebigcwele ngempelaso­nto.

Uthe ujabule ngendlela iqembu lakhe elidlale ngayo esiwombeni sokuqala kodwa wathi kuzomele babuyele emuva bayolungis­a amaphutha ngaphambi kokubhekan­a noBuntu.

Ubuntu bubalwa namaqembu abalekela izembe kwi-log yeNFD.

Nokho ngempelaso­nto buuthole amaphuzu amathathu buhlula uMthatha Bucks ngo 1-0. Ubuntu bakhipha iPolokwane City ngo 3-2 kwiLast 32.

UMthatha Bucks, nawo odonsa kanzima kule ligi, wanikeza Usuthu ubunzima kwiLast 32 yeNedbank Cup.

EzikaJohns­on zadlula kumaphenat­hi ngemuva kokuthi uMthatha ungazange uzibeke phansi, ubuya ekugcineni esikhathin­i esengeziwe.

“Kumele sibancome abadlali ngendlela abadlale ngayo nokuzinike­la kwabo. Okungenani bekumele bathole iphuzu. Ukuba sezingeni lokuncitis­ana neqembu elihamba phambili kwi-log futhi elingompet­ha base-Afrika kusho ukuthi igama leqembu liyakhula futhi nabadlali baya ngokuba ngcono.

“Okwethu manje wukubuyela emuva siyolungis­a amaphutha bese sifaka iqembu eliqinile elizobheka­na noBuntu. Kuzomele sihlale siqaphile ngoba lapha ayisebenzi indaba yomthetho ka-Under 23. Asifuni ukuzibona esimeni esibhekane naso kuMthatha Bucks,” kusho uJohnson.

Iqembu elizodlula lapha lizongena kuma-quarterfin­al eNedbank Cup. Ngo-2010 Usuthu lwahamba laze lwahlulwa yiBidvest Wits ngo 3-0 kowamanqam­u kuvulwa iSoccer City Stadium.

 ??  ?? CAVIN JOHNSON
CAVIN JOHNSON
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa