Liyinto engathi shu kuPitso icala leRayon
UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane, ayimkhathazi eyecala elibhekene neqembu abazodlala nalo koweCAF Championship League iRayon Sport yaseRwanda.
Umdlalo womlenze wokuqala wokuhlungela amaqoqo phakathi kwala maqembu kufanele ube kusasa ekuhambeni ngo-6 ntambama.
ISundowns ibhekise amabombo eRwanda ngoMgqibelo.
Nokho ngesonto eledlule kuvele imibiko ethi inhlangano eyengamele ibhola e-Africa, iCAF, iphenya icala lokupheka umphumela womdlalo elibhekene neRayon Sport. I-CAF kulindeleke ikhiphe isinqumo namuhla.
Kuthiwa iLydia Ludic Academi yaseBurundi edlale neRayon Sport emzuliswaneni wokuqala ifake icala isola izimbangi ngenkohlakalo.
Lokhu kungemuva kokuthi izikhulu zeRayon zabonakala zixoxa nonompempe ngaphambi komdlalo wala maqembu. I-Rayon yagcina idlulele phambili ngo 2-1 uma sekuhlanganiswe imiphumela yemilenze emibili.
Eziphinde zavela ngempelasonto, ezokuthi umqeqeshi weRayon Sport engompetha beligi banyakenye, u-Olivier Kerekezi, usulile ngemuva kwalezi zinsolo. Imibiko eqhamuka kuleliya lizwe ithe ushiye isigubhukane ngemuva kokuhlulwa ngo 1-0 koweligi.
“Hhayi cha bengingazi ngalezo zinsolo kodwa ke ayikho inkinga ngoba la mazwe angomakhelwane. Sizowelela ngaphesheya uma kuwukuthi kukhona isidingo,” kusho uMosimane.
Ngaphambi kokuthi babhekise amabombo eRwanda, uMosimane ukuvezile ukuthi alukho ulwazi abasenalo ngeRayon Sport.
“Ngizokhuluma iqiniso nje, bengingakababheki. Kodwa kukhona ebese sibathumile ukuthi basitholele ulwazi ngabo. Ngizoqala ngicubungule imidlalo yabo uma sesisendizeni sibheke khona. Okunye engikutholile wukuthi kunabadlali babo abayisithupha abebedlala kwiCHAN, sizobheka leyo midlalo sibone ukuthi bawuhlobo luni,” kusho lo mqeqeshi owaziwayo ngokufunda umdlali ngamunye osuke ezobhekana nezakhe.
Ngaphambi kokugxilisa umqondo wakhe kwiCAF, uMosimane wenze isiqiniseko sokuthi uthola amaphuzu amathathu emdlalweni we-Absa Premiership behlula AmaZulu FC ngo 3-1 ngempelasonto.
La maphuzu aqinisekise ukuthi kusekhona amaphuzu amane phakathi kweSundowns neqembu eliza ngemuva, i-Orlando Pirates ebhaxabule iKaizer Chiefs ngo 3-1 kowabakhaya ngempelasonto.
Eqenjini elidlale naMaZulu wenze izinguquko, lapho “ephumuze” abanye abadlali ngoba elungiselela umdlalo weCAF.
Ezintini ubophele unozinti waseGhana, uRazak Brimah, uDenis Onyango ehleli nezihlwele, uJeremy Brockie odlale kwiConfederations Cup neSuperSport United, ubesebhentshini. USibusiso Vilakazi noThemba Zwane bawuqalile umdlalo kanjalo noHlompho Kekana benoTiyani Mabunda abake baphunyuzwa kweminye yeligi.
“Kuwukugembula khona kodwa ke kumele sikwenze ukushintshanisa abadlali. Emidlalweni emihlanu yokugcina yeligi sizodinga abadlali abaqinile. Abadlali beBafana bona bayakwazi ukudlala kwiChampions League ngoba sebeke bayinqoba. Yingakho sibone kuyisikhathi esingcono ukubabuyisa manje,” kusho uMosimane.