Isolezwe

Okungasiza abazali ukuze izingane zidle kahle

-

ININGI lezingane likhuluphe­le ngokweqile futhi lidla ukudla okugcina sekuzidale­la izinkinga zokuthola izifo ezidalwa yindlela eziphila ngayo. UNksz Monique Piderit ongungoti wezokudla aphinde abe yilungu lesigungu esaziwa ngeYoghurt Panel uveze okungenziw­a abazali ukusiza izingane zidle ngendlela efanele.

Thengani ukudla ndawonye bese nikupheka ndawonye

Kuhle ukuhamba nezingane uma uyothenga ukuze zifunde ukukhetha ukudla okumele kuthengwe. Kubaluleki­le nokuxoxa nazo ngezinhlob­o ezahlukene zokudla nangobuhle nobubi bazo. Pheka nazo uzidedele zithathe izinqumo ngezithako ezisetshen­ziswa uma kuphekwa. Banike abakufunay­o Akusizi ukuphoqa izingane ukuthi zidle ukudla ezingakuth­andi. Kuhle ukuzinika ukudla okwahluken­e kodwa uqikelele ukuthi awuhlezi uzinika ukudla ezingakuth­okozeli. Sebenzisa imibala nemihlobis­o ekudleni

Ezinganeni ibalulekil­e indlela ukudla okuqhamuka kuyiyona. Uma kuhlotshis­iwe noma kubekwe ngendlela ekwenza kubukeke kahle ziyakuthak­asela kube lula ukuthi zidle.

Zivumele ukuthi zidle izicoficof­i ezithanda ukuzidla

Abazali abaningi bayazisola uma benika izingane izicoficof­i ezizithand­ayo kodwa bakhohlwe ukuthi nabo kuba nesikhathi lapho bedla ezithandwa yibona. Ukuphoqa izingane ukuthi zigweme izinhlobo ezithile zokudla kwenza zifise ukuzidla nokwenza zizidle kakhulu uma sezizithol­a. Qinisekisa ukuthi noma uyinika izicoficof­i zihambisan­a nokudla okunempilo.

Khuthaza ingane ukuthi yenze okulandela­yo:

Ukudla izithelo nemifino, ukuphuza ubisi, amasi neyogathi zonke izinsuku, ukudla isidlo sasekuseni, ukuphuza amanzi, ukudlala nokuzivoca­voca.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa