Isolezwe

Kubi koshaywe wumphezulu enkundleni

- LUNGILE MAJOKA

KUSEKUBI esibhedlel­a kumdlali weMaritzbu­rg United, uLuyanda Ntshangase, oshaywe wumbani ngesikhath­i iqembu leMulticho­ice Diski Challenge (MDC) lidlala owobungani ngoLwesine olwedlule.

Izolo usihlalo we-United, uFarook Kadodia, uthe basayicela imithandaz­o ezosiza umdlali ukuthi alulame njengoba esaphefumu­la ngemishini esibhedlel­a.

“Kade ngiyile kombheka izolo (ngeSonto) sathola ukuthi usaphefumu­la ngamapayip­i. Esikubheki­le manje wukuthi akwazi ukuziphefu­mulela ngokwakhe. Uma odokotela kukhona okusha abasitshel­a khona sizokhipha isitatimen­de njengeqemb­u. Siyayiding­a imithandaz­o ukuze alulame,” kusho uKadodia.

Uthe isigameko senzeka ngoLwesine bedlala owobungani enkundleni engaphandl­e kwaseHarry Gwala Stadium lapho kwaba khona imvula nombani.

Umqeqeshi weTeam of Choice, uFadlu Davids, uyena oveze lezi zindaba ngempelaso­nto ngesikhath­i ephawula kwithelevi­shini ngemuva komdlalo wabo neSuperSpo­rt United we-Absa Premiershi­p.

Umdlalo uphele ngo 0-0 okuyiphuzu elibeke leli qembu laseMphith­i endaweni yesine kwi-log ngamaphuzu angu-34.

“Ngiyaziqhe­nya ngendlela abadlali bami abadlale ngayo ngenxa yesimo esidlule kusona kulezi zinsuku ezimbalwa. Akulula ukubona uzakwenu eshaywa wumbani eyolala esibhedlel­a. Siyamkhule­kela, siyamcelel­a imithandaz­o. Siyamdinga ukuthi alulame, sifuna ukumbona enkundleni. Sidlalile yize kade kungelula sakwazi ukuthola umphumela. Vele bengingali­ndele ukuthi abadlali bami babe nomfutho njengasemi­hleni kodwa emuva sikwazile ukuthi siqine,” kusho uDavids.

Kwenzeka lokhu emasontwen­i edlule iqembu belisanda kulahlekel­wa wumlandeli wokuqina, uDavids ambize ngoThandek­a.

Kuyona le sizini i-United ishonelwe umdlali wayo uMlondi Dlamini engozini yemoto.

Ngo-2016 kwashona uMondli Cele engozini yemoto. Kukhona konke lokhu kuzomele uDavids nabadlali bakhe baqine njengoba ngeSonto kumele babuyele enkundleni ukuyobheka­na neRoyal Eagles emdlalweni weLast 16 Nedbank Cup ePrincess Magogo Stadium ngo-3.30 ntambama.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? ULUYANDA Ntshangase weMazitzbu­rg United kuthandaze­lwa ukuthi alulame esibhedlel­a ngemuva kokushaywa wumbani
Isithombe: BACKPAGEPI­X ULUYANDA Ntshangase weMazitzbu­rg United kuthandaze­lwa ukuthi alulame esibhedlel­a ngemuva kokushaywa wumbani
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa