Isolezwe

Umphumela oncomekayo iBanyana idlala neKorea DPR

- LUNGILE MAJOKA

IBANYANA Banyana isethubeni lokuqeda endaweni engcono kwiCyprus Cup kunesike yayithola eminyakeni edlule ngemuva kokungasha­ywa emidlalwen­i yamaqoqo.

Izolo ibambane ngo 0-0 neKorea DPR okuwumphum­ela oncomekayo uma kubhekwa ukuthi leli lizwe likleliswe endaweni ka-11 emhlabeni. IBanyana iyibambe endaweni ka-54.

Emdlalweni wokuqala kaGroup C leli qembu eliphekwa uDesiree Ellis libambane ngo 0-0 neSlovakia kwathi kowesibili lashaya iHungary ngo 1-0.

Le miphumela ilinikeze amaphuzu amahlanu, okusho ukuthi ngoLwesith­athu emdlalweni wokugcina womqhudelw­ano, lizobe libanga indawo yesihlanu noma eyesithuph­a.

Okwesithup­ha iBanyana idlala kwiCyprus Cup. Eminyakeni edlule ithole indawo yesithupha (ngo-2009), yalala eyesishiya­galombili ngo-2010. Ngo-2012 nango-2015 iqede endaweni yeshumi, ngo2013 yalala kweka-11. Umqhudelwa­no udlalwa ngamazwe angu-12.

Iqembu lika-Ellis likhombise ukuqina emuva njengoba lingakange­nelwa yigoli kodwa kufanele ukuthi uzokhala ngokungase­tshenziswa kwamathuba amagoli.

Emdlalweni wayizolo bebengawan­tshontsha amaphuzu agcwele. UJermaine Seoposenwe uyeke ukuphela kwethuba elicacile elitholwe iBanyana eshaya into ephume eceleni engasekho unozinti. Amanye akhiwe abephelela ezandleni zikanozint­i weKorea DPR.

U-Ellis wenze izinguquko eqenjini lakhe. Emizameni yokuthola igoli ubonakale efaka uNoko Matlou emsebenzis­a njengomgad­li.

UMatlou wayengalib­heki ipali ngaphambi kokuthi owayengumq­eqeshi uVera Pauw amshintshe­le ekubeni umdlali wasemuva.

Lona bekuwumdla­lo wakhe wokuqala kulo mqhudelwan­o. Omunye othole ithuba nguNompume­lelo Nyandeni.

Eqenjini eliqale umdlalo u-Ellis ubophele uKaylin Swart emapalini. Emdlalweni wokuqala kwakuvimbe u-Andile Dlamini, kowesibili kwadlala uRoxanne Barker.

“Silapha ukuzozicij­ela imidlalo yokuhlunga esizoba nayo ngo-2018 ngakho sifuna ukunikeza bonke abadlali ithuba ukuze sazi ukuthi bazosinika­ni uma sesifuna abazosisiz­a,” kusho u-Ellis kwi-Safa.net.

NgoJuni iBanyana izodlala eyokuhlung­ela i-African Women Championsh­ip. Uma iya kulo mqhudelwan­o ongoNovemb­a eGhana, izobe iyolwela ukuthola indawo kwiNdebe yoMhlaba ka-2019.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa