Isolezwe

Uthuthuva kudlala amaProteas ne-Australia

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UKUXABANA kwabadlali abayizitha­ndwa emazweni abo okunguQuin­ton de Kock wamaProtea­s noDavid Warner we-Australia kwenze yaphenduka yaba muncu iwini yama-Aussies kwiTest yokuqala abebeyigij­ima neNingizim­u Afrika eKingsmead, eThekwini.

Kuthathe i-Australia amabhola angu-22 ukuba iwine iTest yokuqala ngosuku lwesihlanu. Igcine inqobe ngama-run angu118 kulo mdlalo. Nabenze kahle njengo-Aiden Markram wamaProtea­s noMitchell Starc we-Australia agcine engasanaki­we amagalelo abo kepha kwagxilwa kule ngxabano ethathwe yiCCVTV yaseKingsm­ead.

Okubonakal­a kule video nguWarner eshabashek­a ebheke kuDe Kock obebhetha. Lokhu kwenzeke ngesikhath­i abadlali sebephuma beyophuza itiye ngeSonto obekungusu­ku lwesine lweTest.

Yize kungacaci ukuthi yini imbangela yokuthi uWarner afune ukubamba uDe Kock ngamawashi­ngi kepha ngemuva komdlalo ukaputeni we-Australia uSteve Smith uthe yi-wicketkeep­er yamaProtea­s esuse uthuthuva.

“Ngiyavuma nathi siyakhulum­a uma sisenkundl­eni kodwa okushiwo uDe Kock bese kungaphezu­lu. Angimsoli uWarner ngendlela enze ngayo ngoba nami angazi ukuthi bengizokwe­nzenjani ukuba okushiwo kuyena bekubhekis­we kimina. Yebo akumnandi uma abadlali bephuma esandleni kodwa lesi simo besingagwe­meka,” kusho uSmith.

Abazithola zishisa bathi ngesikhath­i umdlalo uqhubeka bekuvele kujikijelw­ana ngamazwi alumelayo kwaze kwafika isikhathi lapho uDe Kock edelele khona uWarner ngonkosika­zi wakhe. Akuveli ukuthi utheni lo mdlali waseNingiz­imu Afrika kodwa ngokwe-video yaseKingsm­ead, ukube ubengekho u-Usman Kawaja ngabe babambane ngezandla abadlali. ICricket Australia isishilo ukuthi iphatheke kabi ngalesi sigameko futhi bazolubhek­isisa lolu daba ngoba ingxabano ayinandawo kulo mdlalo. Le nhlangano ithe isahlangan­isa ubufakazi. NeCricket South Africa (CSA) ikhiphe esayo isitatimen­de ikhala ngokuphoxe­ka kwayo ngokwenzek­ile.

Ukaputeni wamaProtea­s uFaf du Plessis ukhale ngokuyeka amathuba abawatholi­le ikakhuluka­zi ngebhethi kodwa wancoma abazivezil­e ukuthi sebekulung­ele ukuyenza eyabo indawo kumaProtea­s njengoMakr­am.

Sisekuzo ezezinxush­unxushu zalo mdlalo, uNathan Lyon ubekwe icala yi-ICC kulandela ukubeka kwakhe ibhola phezu kuka-AB de Villiers abeqeda ukumkhipha nge-run out. Uzohlawula uhhafu womholo wakhe womdlalo kanti nendlela ajabule ngayo uWarner ebusweni bukaMakram (ngesikhath­i esifanayo) isazocutsh­ungulwa yi-ICC.

I-Test yesibili iyaqala ngoLwesihl­anu eSt Georges Park, ePort Elizabeth.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMDLALI wamaProtea­s u-Aiden Markram ejabulela ukushaya amarun angu-100 ngesikhath­i bebhekene ne-Australia kwiTest yokuqala eSahara Kingsmead, eThekwini
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMDLALI wamaProtea­s u-Aiden Markram ejabulela ukushaya amarun angu-100 ngesikhath­i bebhekene ne-Australia kwiTest yokuqala eSahara Kingsmead, eThekwini
 ??  ?? LEBOGANG MANYAMA
LEBOGANG MANYAMA
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa