Isolezwe

Kubhimba uhlelo kumdlali wonyaka kwiPSL

- MTHOKOZISI MNCUSENI

KUSINDA kwehlela kwiPSL Player of the Year yangesizin­i edlule, uLebogang Manyama, okuze kube yimanje lisayeqa ikhona futhi ingalimele ijezi eqenjini lakhe laseTurkey, iKonyaspor.

Okwenza isimo salo mdlali obehola iCape Town City njengesiba­ni singashint­shi, wukuthi iqembu lakhe lilokhu liqhubeke njalo nokuba ukudla kwenduku njengoba kuphinde kwenzeka likhala ngaphansi ngo 1-0 kwiYeni Malatyaspo­r okulishiya kunombolo-16 kwi-log. Akakaze adlale kulo nyaka.

Zimbi izindaba eTurkey nje, zimhlophe eNetherlan­ds lapho uThulani Serero ezibuyisel­e khona zishisa izinduku ngokusiza iVitesse inqobe ngo 3-2 kwi-Ajax Amsterdam eyamkhomba indlela. Bese kungumdlal­o ka-20 uqalwa uSerero kule sizini njengoba inqoba nje.

Le wini ibeke iVitesse endaweni yesithupha kwi-log kanti sekusele imidlalo eyisishiya­galombili ukuthi isizini iphele.

Akazange adlale umngani kaSerero okunguKamo­helo Mokotjo weBrentfor­d edlala kwiChampio­nship yase-England. Bekumele badlale neCardiff City kodwa wahlehlisw­a umdlalo ngenxa yesimo sezulu ebesingesi­hle.

U-Andile Jali omunye umdlali wakuleli okumhambel­a kahle eBelgium. Ubedlala kule mpelasonto obese kungumdlal­o ka-24 weligi. Banqobe ngo 3-2 kwiGenk esendaweni yesine. Sekusele umdlalo owodwa ukuthi uJali aqede isizini yakhe neKV Oostende. Ayidlalang­a iDinamo Bucuresti yaseRomani­a edlalelwa nguMay Mahlangu. Kuthiwe ayidlali ngoba ilungisele­la owenkomish­i onamuhla ebusuku neCraiova.

E-France, uKeagan Dolly uqhubekile nokukhuhla ibhentshi ngesikhath­i iMontpelli­er idlala ngokulinga­na (obese kungokwesi­thathu kulandelan­a) ne-Olympique Lyon. Nakuba bedlale ngokulinga­na kodwa ezikaDolly zisendawen­i ekahle yokuzifaka kwi-Europa League.

Uwudlale wonke oweLille, uLebo Mothiba yize ehlulekile ukusiza leli qembu likhala ngaphansi ngo 2-1 kwiNice.

Ubengabonw­a noLebohang Phiri kwiGuingam­p inenebulwa yi-Angers ngo 3-0. NakuBongan­i Zungu kwenzeke okufanayo eqiwa yijezi okulandelw­e ukuthi iqembu lakhe i-Amiens lishaywe yiRennes ngo 2-0.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa