Isolezwe

UMbenge usegaqele elinye ibhande lomhlaba

- ZAKHELE XABA

UMPETHA omusha weWorld Boxing Council (WBC) Internatio­nal welterweig­ht, uThulani “Tulz” Mbenge, uzithwese ijoka lokulanda ibhande lomhlaba eselihlule abashayisi­bhakela abaziwayo eMzansi.

UMbenge uwine ibhande leWBC Internatio­nal emuva kokwehlula ngamaphuzu uDiego Cruz waseMexico empini ebise-Emperors Palace, eGauteng, ngoMgqibel­o ebusuku. Nakuba le mpi ibikade ibhekwe ngabomvu ngenxa yekhono labashayis­ibhakela bobabili kodwa kube nebohlolol­o ngesikhath­i kuvela ukuthi uCruz uhlulekile ukushaya isisindo esifanele esikalini.

Lokhu bekusho ukuthi ngisho angawina kuMbenge kodwa ibhande lizosala lingapheth­we muntu. Nokho uMbenge akafunanga ukumnika ithuba lokwenza intando yakhe, emxina ngomhlokol­ozo wesokunxel­e abemdlisa wona kuhlokome indlu yonke. Amajaji womathathu avumelene ngokuthi uMbenge uyena owinile ngamaphuzu kuba u-118-110, 118-110 no 119- 109.

Ngokuwina leli bhande uMbenge uzifake kubashayis­ibhakela abangu-10 abagaqele ibhande leWBC weltwerwei­ght eliphethwe nguKeith Thurman wase-USA.

UMbenge uthe uzibona engokhethi­we ozoba ngumshayis­ibhakela wesithathu ozowina ibhande leWBC emuva kukaThulan­i “Sugarboy” Malinga noDingaan “The Rose of Soweto” Thobela.

“Ngijabule kakhulu ngokuwina leli bhande. Lokhu kusho ukuthi kufanele ngisebenze kanzima. UCruz ungumshayi­sibhakela onzima, ngeke ngiqambe amanga. Kuyangijab­ulisa ukuthi sengizonge­na kwabangu-10 abasethube­ni lokulwela ibhande leWBC,” kusho uMbenge.

“Ngingokhet­hiwe ukuthi ngiwinele iNingizimu Afrika enye iWBC, ngihambe ezinyathel­weni zabashayis­ibhakela abasivulel­a indlela. Siyabahlon­ipha futhi siyohlala siyiphakam­isa imisebenzi yabo. Silapho esikhona ngenxa yabo. Ngaphandle kwabo ngabe akukho ukugqugquz­eleka eNingizimu Afrika. Nakuba sifuna ukwenza okungcono kunabakwen­zile kodwa sibukela kubona.”

Kwezinye izimpi ebezikade zise-Emperors Palace, uKevin Lerena uvikele ngempumele­lo ibhande le-Internatio­nal Boxing Organisati­on (IBO) cruizerwei­ght ehlula uDmytro Kucher ngamaphuzu. UDeejay Kriel uwine ngamaphuzu kuXolisa Magusha empini yebhande leWBC minimumwei­ght.

Empini yokubhula amazolo, uRowan Campbell uhlule ngomcacame­zelo womlalisa phansi ngomzulisw­ano wesibili uMasixole Botile.

UMbenge uzovikela ibhande lakhe ngoMeyi kuBradley Skeete waseBritai­n okunguyena obekufanel­e alwele ibhande leWBC Internatio­nal noCruz.

Khonamanja­lo, uXolisani Ndongeni obekubhekw­e ukuthi azakhele igama phesheya kwezilwand­le ejima ejimini kaFloyd Mayweather, usejoyine isitebele sezelamani zakwaSmith, eSmith’s Gym.

 ?? Isithombe: SULJOLSBLO­G.COM ?? UTHULANI ‘TULZ’ MBENGE
Isithombe: SULJOLSBLO­G.COM UTHULANI ‘TULZ’ MBENGE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa