UKhoza nenselelo kwabakudala
USIHLALO wePremier Soccer League (PSL), u-Irvin Khoza, uphonsele inselelo abadlali asebephanyeke amakhokho emgibeni ukuthi bafake isandla ekuthuthukisweni kwebhola eNingizimu Afrika.
UKhoza ubekhuluma ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni indebe ezodlalelwa ngamaqembu agijima kwiMultichoice Diski Challenge (MDC) ebizwa ngeMultichoice Diski Shield. Umcimbi, obuhanjelwe ngabaqeqeshi nabadlali bamaqembu eMDC, ubukade usemahhovisi ePSL, eGoli, izolo. IDiski Shield izoqhatha amaqembu ngokweziyingi. Izoqala ngo-Ephreli 7 iphele ngoMeyi 5. Iqembu elizodla umhlanganiso lizohlomula ngo-R150 000 elizowusebenzisela ukuthuthukisa ibhola endaweni yangakubo.
Kuthiwa iningi lamaqembu belifuna ukuthi iligi iMultichoice Diski Challenge idlalwe isizini yonke njenge-Absa Premiership.
“Amaqembu kade efuna ukuthi iDiski Challenge idlale imidlalo ewu-30 kodwa kunzima okwamanje ngenxa yezindleko zokuhamba ezivele ziphezulu. Ngicabanga ukuthi indebe izosiza ekutheni kuthuthuke abadlali kwazise iyona inselelo esibhekene nayo njengamanje. Kuyajabulisa ukuthi amaqembu amaningi asekhiqize abadlali asebedlala kwiPremiership abaqale kwiDiski okukhona kubona uTau (Percy), Forster (Lyle) noMeyiwa (Wiseman) nabaqeqeshi abathole ithuba,” kusho uKhoza.
“Ngiphonsela abadlali asebeliyekile ibhola inselelo yokuthi babuye bezotshala ulwazi lwabo ekulithuthukiseni. Emazweni afana neHolland abadlali abafana no-Overmars (Marc), Bergkamp (Dennis) noKluivet (Patrick) basezinhlakeni zokuthuthikisa ibhola. Baphi abethu? Le nto idinga ukuthi ube ngumuntu othize ukuze ukwazi ukunakekela nokukhulisa ikhono. Idinga ukubekezela nesikhathi. Akukho mayelana nemali kodwa uthando lomdlalo.” Amaqembu azofakwa emaqoqweni ngokweziyingi ukuze kunciphe izindleko zokuhamba. AmaZulu, Lamontville Golden Arrows, Maritzburg United neChippa United kuzodlala kodwa ukukhipha iqembu elilodwa elizodlulela kowandulela owamanqamu. ICape Town City, Ajax Cape Town, Free State Stars neBloemfontein Celtic bazogadulisana bodwa.