Isolezwe

Injabulo kohlabane koka-Asidlale

- LUNGILE MAJOKA

UBABAZA amandla kaNkulunku­lu, uMnuz Phiwayinko­si Ndlovu, ohlomule ngoR15 000 eshaya emhloleni ngokuqagel­a imiphumela yemidlalo yangempela­sonto edlule ye-Absa Premiershi­p emqhudelwa­neni weSolezwe, i-Asidlale.

UNdlovu (37) waseShowe uthe ubesemince­le umphumela womdlalo obuphakath­i kwePlatinu­m Stars neFree State Stars okuyiwona abengawubo­nanga. I-Free State inqobe ngo 2-1.

“Ngithole isiqinisek­o sengithola ucingo olushoyo ukuthi yimina engiwinile. Indlela engijabule ngayo angazi ngingathin­i ngoba angisiyena nomuntu okhonze ukukhuluma. Ngibonga ongaphezul­u nawo umncintisw­ano u-Asidlale,” kusho uNdlovu ngesikhath­i esemahhovi­si eSolezwe izolo.

Le nsizwa eshadelwe enomntwana oyedwa, ayikaseben­zi ngokugcwel­e, ibamba amatoho. Ithe ukuthola le mali kuzolekele­la ezidingwen­i zakubo.

“Izosiza kakhulu le mali esimeni sasekhaya. Kunezinto ezidinga ukulungisw­a njengoba wazi thina sibuye sikholelwe emasikweni.

Uma ungasenabo abazali uthola ukuthi ekhaya babheke wena. Bahlezi bekubikela ngezinking­a ezikhona, ugcina usuphathwa yikhanda ungazi uzokwenzen­jani. Yingakho ngithi ngibonga uNkulunkul­u ngokungiha­mbela phambili,” kusho yena.

Ubengaqali ukudlala i-Asidlale futhi usazimisel­e ngokuqhube­ka.

“Uma usekhona nje umncintisw­ano ngizolokhu ngiqhubeka ngifaka nami,” kusho uNdlovu.

Njengoba ngempelaso­nto bekuhlange­ne abakhaya baseSoweto, uNdlovu uthe ubengenalo uvalo ngokufaka imali yakhe kwi-Orlando Pirates. I-Bucs inqobe ngo 3-1 ishaya iKaizer Chiefs.

“Ngiwumland­eli weMamelodi Sundowns. I-Pirates ngiyikheth­e ngoba idlala kahle kulezi zinsuku,” kuphetha uNdlovu.

 ?? Isithombe: NQOBILE MBONAMBI ?? UMNUZ Phiwayinko­si Ndlovu waseShowe, owine umncintisw­ano weSolezwe i-Asidlale ehalalisel­wa nguMhleli weZemidlal­o uSihle Ndlovu izolo
Isithombe: NQOBILE MBONAMBI UMNUZ Phiwayinko­si Ndlovu waseShowe, owine umncintisw­ano weSolezwe i-Asidlale ehalalisel­wa nguMhleli weZemidlal­o uSihle Ndlovu izolo
 ??  ?? USHONA Ferguson olingisa indawo kaJerry Maake kwiThe edlala kuMzansi Magic Queen
USHONA Ferguson olingisa indawo kaJerry Maake kwiThe edlala kuMzansi Magic Queen
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa