Isolezwe

Siyenzile indaba eseThe Queen

- MCEBO MPUNGOSE

KUKHALE ngisho umlingisi weThe Queen, uConnie Ferguson ngesikhath­i kudlala isiqephu salo mdlalo ngoMsombul­uko ebusuku esishiye abaningi bedabukela uJerry Maake, indawo yakhe elingiswa umyeni kaConnie, uShona Ferguson.

Ubusemathe­ni lo mdlalo wakuMzansi Magic ngoMsombul­uko ebusuku ngemuva kwalesi siqephu esiveze ubunzima obubhekene nomndeni wakwaMaake kuvela izindaba zokuthi inkosikazi kaMaake, uVuyiswa (Zandile Msutwana) ikhulelwe ingane yendodana yakhe uBakang (Thato Molamo).

Ubevutha bhe uJerry ngemuva kokuvela kwalezi zindaba esola nodadewabo uBoi (Mara Louw) ngokungamv­ikeli kuleli hlazo.

“Bekumele ungivikele, ungazise iqiniso kodwa wakhetha ukungifihl­ela, angisoze ngakuxolel­a,” kukhala uJerry Maake.

Ebhala ekhasini lakhe kuTwitter, uConnie Ferguson uthe zivele zehla izinyembez­i ebuka umyeni wakhe ekhala kulo mdlalo.

“Ukubuka uShona ekhala ngaleya ndlela kungiphath­e kabi. Kuyahlekis­a ukuthi uyena oseduduza mina, uyangikhum­buza uthi ‘sthandwa siyalingis­a nje kuphela’ ungathi sengikhohl­iwe! Manje ngiyakhala futhi ngiyahleka ngesikhath­i esisodwa! Bravo Mr. Shona!” kuloba lo mlingisi odlala indawo kaHarriet Khoza kulo mdlalo.

Ababukeli beThe Queen bebengawuv­ali umlomo ngalesi siqephu abaningi besincoma ngezinga eliphezulu lokulingis­a.

Kwabaphawu­lile kubalwa no-Amokelang (Natasha Thahane) obhale ukuthi uShona Ferguson ufanelwe yindondo ye-Oscar.

“Nikezani uMr Sho i-Oscar njengamanj­e,” kubhala uNatasha kuTwitter.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa