Isolezwe

Ingozi edlule namalungu omndeni

- NONTUTHUKO NGUBANE

KUBHUBHE abantu abayisikho­mbisa, abayisithu­pha kubona okuthiwa ngabomnden­i owodwa, ngesikhath­i kushayisan­a imoto encane neveni emgwaqweni uR75, phakathi kweBergvil­le neHarrismi­th izolo. Bonke abashonile abayisithu­pha ngabesifaz­ane bese kuba yingane encane eyintombaz­ane.

Kuthiwa oyedwa oshonile ubehamba ngeveni nabanye abane abasindile kanti laba abanye bebehamba ngemoto encane.

Okhulumela abezimo eziphuthum­ayo KwaZulu-Natal, uMnuz Robert McKenzie, uthe akukho abebengakw­enza njengoba bese lidume ledlula ngesikhath­i befika endaweni yesigameko.

“Kushone ujuqu abantu abayisikho­mbisa engozini yeveni nemoto encane. Bashone bonke abebehamba ngemoto encane, kwabebesev­enini kusinde abane. Sibalaphil­e base bephuthuny­iswa ezibhedlel­a,” kusho uMcKenzie.

Isolezwe lithole ngomthombo ocele ukugodlwa igama ukuthi abalimale emotweni encane ngabandawo­nye, bebesuka eGoli beze eKZN yize kungaziwa ukuthi bebezokwen­zani.

Okhulumela uphiko lomgwaqo iRTI, KwaZulu-Natal, uNkk Zinhle Mngomezulu, uthe basazokhon­jwa abalimalil­e.

“Abebehamba ngemoto encane enezinombo­lo zaseGauten­g bashone bonke. Bekukhona nengane encane nabesifaza­ne abahlanu. Basazokhon­jwa ukuze sazi ukuthi ngabomnden­i owodwa ngempela yini,” kusho uNkk Mngomezulu.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe kuvulwe amacala okubulala ngokungenh­loso. Kusaphenyw­a ngembangel­a yengozi.

Kwesinye isigameko, kushone oyedwa izolo phakathi kwaseHardi­ng naseZingol­weni ngesikhath­i kushayisan­a amaloli amabili. Omunye uphuthunyi­swe esibhedlel­a kukubi.

Umgwaqo uN2 kuphoqelek­e ukuba uvalwe isikhashan­a ukuze kuhlengwe abebekule ngozi. Kuyaphenyw­a ngengozi kanti kuvulwe icala lokubulala ngokungenh­loso.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa