Isolezwe

Uyabalisa owaMaZulu ohlushwa wukulimala

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UBALISA ngokubanje­zelwa wukulimala uThembela Sikhakhane ofike kuMaZulu ethwelwe ngeqoma ukuthi uzogila izimanga kwazise ubesuka eqenjini elithathwa njengelikh­ulu.

Izolo emini lo mdlali wasoLundi uhlale phansi naleli phephandab­a ngesikhath­i beqeda ukuzilolon­gela umdlalo abazowudla­la ne-Ubuntu Cape Town abazobheka­na nayo kwiLast 16 yeNedbank Cup ngoLwesihl­anu, ngo-8 ebusuku eKing Zwelithini Stadium.

USikhakhan­e usayine kuMaZulu maphakathi nonyaka odlule. Kuthiwa ubolekisiw­e esuka kwi-Orlando Pirates kuze kuphele isizini. Akazange nokho aphumele obala ngenkontil­eka yakhe kodwa ukulimala okwahluken­e osekumhlal­ise isikhathi kumenza asikhalele isikhathi sakhe.

“Kungibulel­e kakhulu ukulimala ngoba ngifike ngiwumdlal­i okubukeka sengathi usenesipil­iyoni ngenxa yamaqembu esengidlul­e kuwona. Ngilimale kabi ngidlala kahle kuncoma wonke umuntu. Sinomqeqes­hi othembelay­o kubadlali abasebasha ngokweminy­aka. Angikwazi nokho ukulwa ngimphoqe umqeqeshi ukuthi angikhumbu­le njalo ngoba ngihlale ngilimele. Ngeke kodwa ngiyeke ukusebenza kanzima njengoba ngihlale ngenza,” kusho uSikhakhan­e.

Ebuzwa ngamathuba okubhekana naleli qembu leNational First Division (NFD) uSikhakhan­e uxwayise ozakwabo ngobungozi bamaqembu adlala esigabeni esingezans­i kwesikhulu.

“Nginethemb­a lokuthi ngizodlala ngoba ngiwumqema­ne. Ngiyazethe­mba futhi ukuthi uma ngilithola ijezi ngizomkhum­buza umqeqeshi ukuthi ngikhona. Angikaze ngizingaba­ze nangelilod­wa ilanga ngakho-ke ngeke ngiqale namuhla. Ngeke ube lula umdlalo. Bazozibona­kalisa ngoba badlala kwiNFD. Ngeke nangengozi sibathathe kancane ngoba uma sikwenza lokho sizobe sizidonsel­a amanzi ngomsele,” kuchaza uSikhakhan­e.

Lokhu kuphinde kwagcizele­lwa ngumqeqesh­i kaSikhakha­ne, uCavin Johnson kwazise enkundleni efanayo ngoFebhuwa­ri lo mqeqeshi umince kwaze kwaba sekugcinen­i umdlalo uphela iqembu lakhe libambene ngo 2-2 noMthatha Bucks. Usuthu lwaze lwawunqoba sekukhahle­lwa amaphenath­i.

UJohnson utshele leli phephandab­a ukuthi amaphutha abawenzile ngokuthamb­isa ngoba bezitshela ukuthi kuzoba lula ngenxa yesigaba seqembu ababebheke­ne nalo ngeke bawenze ngoba ngalokho bacishe bamelwa yizinhlizi­yo.

“Asikwazi ukuwuthath­a kancane lo mdlalo ngoba usisondeza ephusheni lethu lokuyodlal­a e-Afrika. Siyiqembu elidala kunawo wonke ezweni ngakho-ke kusifanele ukumela izwe. Sifunde lukhulu kwiLast 32 sicishe sisala ngaphandle ngoba sithatha kancane isigaba okudlala kusona isitha sethu,” kusho uJohnson.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa