Isolezwe

Ubalekela ukudidiswa eyeBucs uNdengane

- ZAKHELE XABA

AKAFUNI ukukufaka ekhanda ukuthi ufunwa yi-Orlando Pirates umdlali wasesiswin­i weBloemfon­tein Celtic, u-Alfred Ndengane, ongenye yezinsika zomqeqeshi uVeselin Jelusic.

UNdengane, obuye adlale maphakathi emuva, sekuvele kaningi ukuthi ucathanyel­wa yiPirates eyakha kabusha iqembu. Ngaphambi kokuvala kwewindi lokusayini­sa abadlali bekubukeka ezosayina kweZimnyam­a uNdengane kodwa kwagcina kungenzeka­nga, izikhulu zikhala ngokuthi azikwazi ukuhlakaza iqembu lonke phakathi nesizini.

ICeltic igcine ivume ukudedela uKabelo “Skipper” Mahlasela osekwiKaiz­er Chiefs, yona yaboleka uLorenzo Gordinho kuMakhosi.

“Ngiyayazi indaba yePirates kodwa okwamanje ngisewumdl­ali weCeltic. Kuyithuba elihle kuwona wonke umdlali ukuyodlala eqenjini elikhulu. Kodwa sengibe sebholeni isikhathi eside, izinto ezinjalo angizivume­li ukuthi zingiphaza­mise. Okusemqond­weni wami wukudlalel­a iCeltic, siwine imidlalo,” kusho uNdengane.

Abadlali bePirates, bathi umqeqeshi wabo uMilutin Sredojevic ufuna abadlali abakwazi ukudlala izindawo ezehlukene ensimini. UThabo Matlaba uyena osheshe wathinteka kulokhu efakwa esiswini yize aziwa ngokuyibam­ba emuva.

Inkontilek­a kaNdengane neCeltic izophela ngo-2019. Kulindelek­e ukuthi akhathule indima ebonakalay­o uma iPhunya Selesele isibhekene neRichards Bay FC egijima kwiNationa­l First Division (NFD) emdlalweni weLast 16 yeNedbank Cup eDr Molemela Stadium, eBloemfont­ein, ngeSonto ntambama.

“Kunzima. Ukube benginokuz­ikhethela bengizoqok­a ukudlala neqembu elikwi-Absa Premiershi­p. Kodwa akukho esingakush­intsha manje. Sidlala neRichards Bay eyiqembu leNFD. Amaqembu eNFD anomdlandl­a omkhulu, asuke efuna ukuzibonak­alisa ukuthi angcono kunawePrem­iership. Sizosebenz­isa amava ethu nokuthi sidlalela ekhaya ngoba sinabaland­eli. Akulula ukudlala eBloemfont­ein futhi bona njengeqemb­u leNFD bazokuzwa ukuthi akulula ukuza eBloemfont­ein ubuye ufumbethe,” kusho uNdengane.

Ukaputeni weRicharsb­ay, uMisho Mtebule, uthe: “ICeltic akulona iqembu elithusa kakhulu kodwa kuzoba nzima ngoba siya kuyona, nabalandel­i bayo. Nokho uma ngibheka iqembu lethu ngiyabona ukuthi sizokwazi ukumelana nayo.”

 ??  ?? ALFRED NDENGANE
ALFRED NDENGANE
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa