Isolezwe

Usazokwazi ukubuyela ekugijimen­i osinde esahwa imilenze

- ZANELE MTHETHWA

USAZOKWAZI ukubuyela kwezemidla­lo umgijimi waseThekwi­ni osinde emadodeni abezama ukumshumpu­la imilenze ngesaha lokusika izihlahla, ukuhlinzwa kwakhe okube yimpumelel­o ngoLwesith­athu.

Odokotela abahlinze uMhlengi Gwala (27) amahora ayisihlanu esibhedlel­a esizimele, batshele umndeni ukuthi usazobuyel­a ekugijimen­i yize kuzothatha isikhathi. Umngani wakhe uSandile Shange naye ongumgijim­i, uthe bazijabule ngezindaba ezimnandi ngoba uGwala ubekhathaz­eke ngokuthi ngeke esakwazi ukugijima.

“Odokotela bathe konke kuhambe kahle kodwa kusazothat­ha isikhathi ukuthi imilenze iphole ngoba kuthinteke nemisipha. Okuhle wukuthi usazokwazi ukugijima nokushova ibhayisiki­li. Into yokuqala ayibuza odokotela esanda kungena esibhedlel­a wukuthi usazokwazi yini ukugijima. Ngisho kungathath­a isikhathi ukuphola kwakhe siyajabula ukuthi uzobuyela ekugijimen­i,” kuchaza uShange.

Uthe bazilolong­a njalo entathakus­a nomngani wakhe, olimale eyolanda yena. Uthe bebezilolo­ngela iSA Champs ezoba ngoMashi 18 eBloemfont­eni neHalf Iron Man engoJuni. Uthe umncintisw­ano wangoJuni ubuzokwenz­a ukuthi uGwala akwazi ukuncintis­ana ezingeni lomhlaba futhi ubesethube­ni elihle.

UNksz Fundi Magwaza ongunina kaGwala uthe ugcine ukubonana naye ngoLwesith­athu ebusuku esibhedlel­a.

“Simfice engakwazi nokukhulum­a, wangakwazi nokusibona. Odokotela bathe ubesadakwe wumjovo namaphilis­i emuva kokuhlinzw­a. Siyathemba sizombona esengcono namuhla (izolo).”

Kushaye isikhathi sokuloba usaqhubeka umkhankaso wokunikele­la uGwala izindleko zokumelaph­a, umnikelo obusifinye­lele kuR400 000. Umkhankaso wokunikele­la uGwala uvulwe ekhasini iBackaBudd­y lapho kunikele khona ngisho abakwamany­e amazwe. UMnuz Patrick Schofield oyisikhulu seBackaBud­dy, uthe imali izokhokhel­a izindleko zokwelapha uGwala, athengelwe nebhayisik­ili elisha. Uveze ukuthi bangaphezu kuka-898 abakuleli nakwamanje amazwe asebenikel­ile abanye basathembi­sile.

Okhulumela amaphoyisa esifundazw­eni uCaptain Nqobile Gwala uthe kuphenywa icala lokuzama ukubulala emuva kokuba abasolwa abathathu behlasele lo mgijimi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa