Akungagcini kuboshwa amaphoyisa esikhundleni sezigebengu
NGEMUVA kokumenyezelwa kukaMnuz Bheki Cele njengoNgqongqoshe wamaPhoyisa, kwachwaza izinkundla zokuxhumana abantu bejabulela ukubuya kwakhe. Abaningi bamthandela ukuthi akazincengi izigebengu.
UCele akamusha kulo mnyango. Waba ngukhomishana wamaphoyisa kuzwelonke ngo-2009 waze waxoshwa ngo-2012.
Esewukhomishana wayedume ngetemu lokuthi amaphoyisa awadubulele ukubulala ezigebengwini. Abaningi babevumelana naye ngoba ezinye izigebengu zazibulala amaphoyisa.
Kodwa lokhu kwagcina sekwenza amanye amaphoyisa asebenzise amandla budlabha. Kwagqama isihluku sophiko lwamaphoyisa iTactical Response Team, iTRT.
Lolu phiko lwaluhlukumeza ngisho nababeziphumela emsebenzini, lungawahloniphi amalungelo abantu okuyikho okwenza iningi lamaphoyisa eTRT ligcine selihamba izinkantolo ngamacala okubalwa nawokubulala.
Yize kunjalo ngeke siphike ukuthi amaphoyisa ngesikhathi sikaCele ayezethemba ngoba wayengahlonizi ngokuwalwela, ewavikela. Ubuye kusanda kubulawa amaphoyisa amahlanu eNgcobo nelinye iphoyisa laKwaMaphumulo, uCaptain Dumisani Mhlanzi.
Emngcwabeni kaMhlanzi uCele uthe amaphoyisa awangawanaki amalungelo uma ebhekene nezigebengu ezilwayo.
Siyakuqonda ukuthi kubuhlungu ukuthi iphoyisa liphume ekhaya lingabe lisabuya ngoba selibulewe yizigebengu kodwa uCele kumele aqaphele uma ekhuluma angaphaki impi emaphoyiseni agcine esenza umsebenzi wawo ephula umthetho.
Uma icala seliphambi kwenkantolo iyakuqaphela ukuhlonishwa kwamalungelo abasolwa njengoba wonke umuntu evikelwa uMthethosisekelo wezwe.
Ukubaluleka kokuhlonishwa kwamalungelo abasolwa kuyagqama ezinkantolo uma sekucutshungulwa nokuthi umuntu ngesikhathi eboshwa ufundeliwe yini amalungelo akhe ngolimi aluqondayo.
Amaphoyisa kuzomele aqaphela ukuthi umthetho ayawulandela ngendlela afundiswe ngayo, agweme ubudedengu obuzokwenza wona agcine engena ejele njengezigebengu.