Isolezwe

I-Sundowns ayisidle ngendlela efanele isicoco seligi

-

MHLELI: Ngimangazw­a yindlela onondweba abasingath­a ngayo imidlalo yeMamelodi Sundowns.

Emdlalweni weSundowns neFree State Stars kwaba nogcobho ngesikhath­i unozinti weSundowns ebamba uNhlanhla Vilakazi izinyawo ebhokisini kodwa wakushaya indiva konke lokho owayepheth­e umdlalo.

Okwesibili umgadli weSuperSpo­rt u-Evans Rusike kwathiwa uyi-off side kabili kodwa engeyona neze nokwenza ukuthi iSundowns ithole iphuzu ngokungafa­nele. Kwesesitha­thu emdlalwewn­i wayo noSuthu kunamaphut­ha amaningi enzeka agcina edale ukuthi iSundowns ithole amaphuzu agcwele. Iphenathi kaPercy Tau yayingekho kodwa Usuthu lwangabeke­lwa eyalo. Igoli lesithathu leSundowns kwacacela noma ngubani ukuthi owalishaya wayesemhla­beni ongafanele.

Ngesikhath­i idlala neChiefs kwadlalisw­a kabi umdlali wamaKhosi kodwa lokho kwashaywa indiva yangabekwa iphenathi. Ukube yiChiefs noma yiBucs eyenzelelw­a ngalolu hlobo ngabe uPitso Mosimane (osesithomb­eni) akathokozi­le ngezinqumo zonompempe.

Uma kuwukuthi iSundowns kumele idle isicoco seligi kumele isidle ngendlela efanele hhayi ngokuthi kube nentshonts­ho ngoba kuyacaca ukuthi kukhona abafumbath­iswayo ukuze kuvinjwe iBucs neChiefs. Ukube kule midlalo yomithathu iSundowns ihluliwe ngabe eziMnyama ziqhwakele. Uma sebeshaywa onondweba bese kuthiwa abalandeli banochuku kanti bafuna ubulungisw­a ngoba bakhokha imali ukuyobukel­a imidlalo. Thandazani “TT” Ngcobo KWAMAPHUMU­LO

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa