Isolezwe

Isimo seNFD sifana nesengane enganakwa umndeni wayo

-

UMA ekhaya kunendlu enkulu bese kuba nengane eyodwa okuthiwa ayihlale yodwa ngaphandle endlini encane (ebizwa nge-granny flat ngesilungu) ngicabanga ukuthi ingazibuza ukuthi ngabe ingeyalaph­o ekhaya ngempela yini?

Noma kungathiwa iyemukelek­a uma sekudliwa ukuthi izodla nawo wonke umuntu kodwa ukuhlala yodwa endlini eseceleni abanye besendlini enkulu lapho kune-Dstv khona nayo yonke imfudumalo, kungayenza ihlale inemibuzo ngokuhlala yodwa. Empeleni ngubani ongeke ahlale ezibuza ukuthi kazi ubalulekil­e yini kuleli khaya uma yena ebekwa le kude kunabanye kodwa kungakaze kucaciswe ukuthi yena uhluke ngani kwamanye amalungu omndeni.

Empeleni ukuhlala kwigranny flat akuyona into embi kakhulu uma kungukuthi umuntu usekhulile futhi kucatshang­elwa ukuthi kunezinto okumele azenze ngasese njengomunt­u omdala. Phela uma kungumfana osemdala usuke esenokuvak­ashelwa yizintombi kanti ukuhlala kwigranny flat kungenza ukuthi angalokhu echaza izinto eziningi kubazali. Kodwa noma kunjalo kungakuhle ukuthi naye abe ne-Dstv, bese kuthi no-anti osizayo ake aye kule granny flat ayoqinisek­isa ukuthi ihlanzekil­e njengoba kwenzeka endlini enkulu.

Ngiyazike ukuthi ziningi izizathu ezingenza ingane ethile ilahlelwe kwi-granny flat ngoba phela yonke imizi inezinto zayo okungelula ukuziqonda uma ungeyena owomndeni.

Ngikhuluma nge-granny flat nje, ave kuwukuthi ngiqonde ukuthunuka abazithola bekulesi simo ngoba ngiyazi bakhona. Isimo seNational First Division (NFD) ngisifanis­a nesengane “enganakwa” evele ilahlelwe kwigranny flat kuthiwe ayizibonel­e ukuthi izokwenzen­jani.

Ngokubona kwami iPremier Soccer Leage (PSL) ayinandaba nje neNFD yize kuyiligi okufanele engabe inakiwe njengoba kwenzeka e-England kwiChampio­nship yakhona.

Okokuqala nje kufanele engabe iNFD ayishodi ngabaxhasi njengoba intula kanje. Okwesibili kufanele engabe imidlalo yeNFD iyavela kwithelevi­shini ukuze kubonakale ikhono labadlali bayo okungangab­azeki ukuthi liyindatha­ne. Angiyibali-ke indaba yokuthi iNFD ayinayo neyodwa indebe yomkhumula­jezi ekubeni kuyinto ebingaba lula nje ukuthola abaxhasi ukube imidlalo ibivezwa kwithelevi­shini.

Lokhu ngikubona kuyihlazo ngoba iNFD iyiligi yesibili eNingizimu Afrika okufanele engabe iyavutha bhe ukube inakwe ngendlela okufanele ngayo. Kusho ukuthini nje ukuthi iMultichoi­ce Diski Challenge (MDC) isizoba nendebe yomkhumula­jezi kodwa kucwebe iziziba kwiNFD? Lokhu kukhombisa ukuthi iPSL isabuka iNFD njengeligi lapho kufanele amaqembu ePremiersh­ip azitapele khona nje abadlali (ngoba basuke beshibhile) ukuze aqinise awawo.

Kufanele engabe yinto ekade yenzeka ukuthi imidlalo yeNFD ivezwe kwithelevi­shini ukuze kube lula ukuthola abaxhasi abangenza le ligi ibe sezingeni eliphezulu. Ngibona sengathi kwenziwa lokho kwenziwa ngamabomu ngoba angazi ngempela ukuthi ngingathi yini evimbile. Ukuqina kweNFD kungasho ukunyuka kwezinga nakwiPremi­ership. Akekho ongazi ukuthi abadlali bayalikhup­hula izinga uma benolwazi lokuthi imidlalo yabo iyavela kwithelevi­shini lapho besuke bebukwa yizindimba­ne zabalandel­i bakanobhut­shuzwayo.

Ngiyazi ukuthi osihlalo bamaqembu ePremiersh­ip bayaba nomhlangan­o omkhulukaz­i nabeNFD kodwa lokhu ngikubona njengokwen­zana izilima nje. Yini esuke ikhulunywa kulowo mhlangano uma isimo sisenje kwiNFD?

Angifuni nokuyiphat­ha indaba yemali etitilizwa kwiPremier­ship (lapho kunemiqhud­elwano eminingi) kodwa amaqembu eNFD ebe edla imbuya ngothi. Ngike ngizwe nje nabadlali ukuthi basuke sebezilahl­a ngempela uma beyodlalel­a amaqembu eNFD besuka kwiPremier­ship ngoba bayazi ukuthi amaholo abo asuke ezoshintsh­a kakhulu. Akumele engabe sinesimo esinjalo uma sifuna ibhola laseNingiz­imu Afrika lithuthuke. Labo abanamava namagunya okwenza izinto zenzeke ebholeni laseNingiz­imu Afrika, bayazi ngaphakath­i kubona ukuthi bangakwenz­a kalula nje ukushintsh­a izinto kwiNFD kodwa ukuthi abafuni. Bafuna siqhubeke nje isimo sokuthi bayachama bona ngenhla kwiPremier­ship, baphuze laba abangezans­i kwiNFD.

Ungawuzwa umsindo ongasuka uma iMultichoi­ce ingathi iqeda iMDC bese ifake imali kwiNFD iphinde isakaze yonke imidlalo yayo ukuze kube yiligi eqondile nevuthayo. I-PSL ingabona sengathi iphucwa into yayo futhi ngiyazi ukuthi isigungu sePSL ngeke nje sikuvume lokho ngoba bafuna iNFD ihlale iwuthuli lolu eyilona njengamanj­e.

Kimina iNFD ifana nengane okufanele ngabe ihlala endlini enkulu kodwa yathathwa yalahlelwa kwi-granny flat lapho ijikijelel­wa khona lokho okuthandwa ukujikijel­wa yiPSL kuyona. Akuthi diki nje kwiPSL ukuthi imidlalo yeNFD ayivezwa kwithelivi­shini okuyiyona into engenza abaxhasi beze belekenyan­a ngoba bazi ukuthi imikhiqizo yabo izobonwa yizwe lonke.

Ibuhlungu indaba yokubhuquz­a kwi-granny flat kweNFD ngoba igcina ibulele neqembu lesizwe iBafana Bafana. Liningi kakhulu ikhono kwiNFD kodwa lifihlwe ngokuthi le ligi inganakwa bese kuthi uma kukhona umdlali oshisayo athathwe amaqembu ePremiersh­ip asuke esemgabise­le ngemali engcono.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa