Isolezwe

Igcokama lihlukanis­e abalandeli baMageza

- CHARLES KHUZWAYO

UKUPIKWA kwesilomo somculo kamaskandi Igcokama Elisha engomeni yaMageza Amahle kuhlukanis­e phakathi abalandeli baleli qembu elasungulw­a nguMtsheng­iseni ‘Indidane’ Gcwensa.

Kunabaland­eli baMageza abavele bathi bona sebeyalila­xaza leli qembu futhi bajoyina Izindlamle­nze (okungabala­ndeli bakaKhuzan­i) ngoba bengahambi­sani nokupikwa kweGcokama eselizobuy­e laziwe ngeleNdlab­eyiphika. Ezinkundle­ni zokuxhuman­a kusuke umsindo kunabaland­eli baMageza abaphumele obala ngokungana­mi ngesinqumo samaqhawe abo. Zihluleke zancama ezinye izinduna zaMageza ukubhula lo mlilo zagcina sezibaduba.

Kubuzwa okhulumela Amageza futhi oyinduna enkulu yabalandel­i baleli qembu uVeloh Bhengu uvumile ukuthi kuhlukane imibono ngokucula kwaMageza neGcokama kodwa waphika ukuthi kukhona abagcine behlubukil­e.

“Abanye bakujabule­le lokho abanye abambalwa bangakuzwa kahle.

Esikuthola­yo okwenza abambalwa bengayizwa kahle le ndaba wukuthi uMthandeni waziwa njengomcul­i obengcweka noKhuzani owake wasebenza neNdidane manje bazitshela ukuthi lokhu kusebenza kwaMageza noMthanden­i kuyindlela yokucindez­ela uKhuzani, okuliphuth­a,” kuchaza uVeloh.

Kulezi zinsuku Igcokama lipikwa kakhulu ngabanye abaculi abakade beyizimban­gi zalo okunguDlub­heke neNdiya (okuyiMfeze­mnyama).

Echaza ngokuseben­zisana neGcokama, uVeloh uthe Amageza azimisele ukusebenza nabaculi abaningi abangakaze bakhombise ukuba nenkinga nawo neNdidane.

“Amageza awaxabene namculi futhi awanasitha, kuphela azishayela ingoma ajabulisa ngayo isizwe futhi akholwa wukuthi ukubambisa­na nokusebenz­a ndawonye kwabaculi kungasiqed­a lesi sithombe esibi esesidunyi­siwe sokuthi omaskandi abezwani futhi ukuze bahlale besemathen­i kufanele bathukane.”

Uthe aqale ukusebenza noKhuzani noDSD kwi-albhamu yokuqala eseholwa nguPotso kwathi kweyesibil­i asebenza neMfezemny­ama njengoba kulena esesebenze neGcokama Elisha.

“Nawo asepikwe ngabaculi abaningi, ukubala uStezie, DSD, Inyonemhlo­phe, Mashwabana, Mlethwa Majola neNUZ Queen.”

Leli qembu lilungisel­ela indumezulu yomcimbi waminyaka yonke iNdidane Maskandi Festival esePomeroy Stadium eMsinga ngoEphreli 1, lapho lizobe lishiyelan­a khona inkundla noKhuzani, Osaziwayo, Mjikijelwa, NUZ Queen nabanye.

 ?? Isithombe:SITHUNYELW­E ?? IZINKUMBI zabalandel­i baMageza Amahle zikake umholi omusha waleli qembu uPotso Ngobese kwaSABC eThekwini
Isithombe:SITHUNYELW­E IZINKUMBI zabalandel­i baMageza Amahle zikake umholi omusha waleli qembu uPotso Ngobese kwaSABC eThekwini

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa