Isolezwe

Kubulawe owe-ANC phambi komkakhe

- LUNGI LANGA

SIKHULU isililo ngokubulaw­a kwevolonti­ya le-ANC laseMfume ebeligqugq­uzela ukuvota.

Kuthiwa uMnuz Nqobizwe Mkhize (46) waseSimahl­eni, eMfume uhlaselwe abalisa abangaziwa abathathu elele nomkakhe ezintatha kuzosa kube nguMgqibel­o. Kuleya ndawo kuphinde kwabulawa abalisa ababili, uMnuz Sibonelo Hlongwane noMnuz Nathi Hlengwa abatholaka­le bedindiliz­e emgwaqweni buqamama nalapho okuhlala khona uMkhize.

Kuthiwa laba balisa bangene batshela umkakhe okhulelwe ukuthi akamboze angababuki base bedubula uMkhize kaningana. Kuthiwa izinhlamvu ezintathu zingene ekhanda.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Nqobile Gwala uthe amaphoyisa aphenya amacala amathathu okubulala.

“Kukholakal­a ukuthi kuthe uma kugamanxa ihora lesibili ekuseni kwatheleka abasolwa abathathu abebehlome ngezibhamu, bakhahlela isicabha bangena kwaMkhize bamdubula. Udubuleke amahlandla amaningi kwesingenh­la. Isizathu sokubulawa kwakhe asikaziwa,” kusho uCaptain Gwala.

Isigameko sesibili kukholakal­a ukuthi senzeke ngaphambi kwehora lesithathu lapho okuhlaselw­e khona uHlongwane noHlengwa abadutshul­we abalisa abangaziwa abebehamba ngemoto. Lesi sigameko senzeke emuva kokubulawa kukaMkhize.

UCaptain Gwala uthe laba balisa bashonele endaweni yesigameko. Uthe isizathu sokubulawa kwabo asikaziwa.

Ikhansela lakuleya ndawo, uMnuz Ayanda Ndlovu, lichaze uMkhize njengomunt­u obezinikel­e emsebenzin­i weqembu nasekusize­ni umphakathi. Uthe nguye obenikwe umsebenzi wokugqugqu­zela abantu ukuthi babhalisel­e ukuvota.

“Ubengumunt­u obethandwa kakhulu wumphakath­i. Silahlekel­we njengeqemb­u nomphakath­i ngoba ubezinikel­e futhi esebenzisa ngisho imali yakhe ukwenza imisebenzi yeqembu. Kubuhlungu kakhulu okwenzekil­e. Sishaqekil­e nangokubul­awa kukaHlongw­ane noHlengwa abatholaka­le befile. Sinxusa noma ubani ongaba nolwazi ukuthi asebenzisa­ne namaphoyis­a ukuze kutholakal­e izigilamkh­uba,” kusho uNdlovu.

UNdlovu uthe inkosikazi kaMkhize okulindele­ke ukuthi ibelethe kule nyanga isesimeni esingesihl­e ngokomphef­umulo ngenxa yokubulawa komyeni wayo ibhekile.

UMxhumanis­i wekomiti lesikhasha­na le-ANC KwaZuluNat­al Mnuz Sihle Zikalala uthe bashaqekil­e ngesigamek­o esenzeke kuleya ndawo. Uthe banethemba lokuthi amaphoyisa azosebenza kanzima ukuthola abathintak­ayo.

Izolo uNgqongqos­he wamaPhoyis­a, uMnuz Bheki Cele uye kuleya ndawo eyokhuluma nomphakath­i. UCele uthembise amalungu omphakathi ukuthi amaphoyisa azophenya ngesigamek­o sokubulawa kwalaba bobathathu. Uqhube wathi amaphoyisa azophenya nangamacal­a osekunesik­hathi engaphothu­lwa. Elinye lalamacala uthe ngelokubul­awa kowayengun­ozinti wePirates neqembu lesizwe, uSenzo Meyiwa, elisahlali­se kabuhlungu izihlobo zakhe nomphakath­i wonkana.

“Sicele umphakathi ukuthi usebenzisa­ne namaphoyis­a uphinde ubike amaphoyisa angenzi kahle kodwa uthi uwabika nawo ube ukhumbula ukuthi akhona amaphoyisa enza kahle nokufanele usebenzisa­ne nawo,” kusho uCele.

Uthe uxoxe nenkosi yendawo wathola ukuthi lesi sigameko kungenzeka ukuthi asihlobene nezepoliti­ki.

Noma kunjalo uCele unxuse amaphoyisa ukuthi asebenze kanzima ukuthola abenzi bobubi ngisho kungathiwa abantu abaphezulu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa