Isolezwe

Abadlali beCeltic badube ukuzilolon­ga

- MINENHLE MKHIZE

BADUBE ukuzilolon­ga abadlali beBloemfon­tein Celtic ngoMgqibel­o ekuseni ngoba besola izikhulu zeqembu ngokungaba­holeli ngesikhath­i.

Isolezwe lihabule lezi zindaba ngemithomb­o yalo ethembekil­e ukuthi abadlali bePhunya Sele Sele abazange bajime ngempelaso­nto.

“Abadlali beCeltic banqabile ukujima ngoMgqibel­o ngaphambi komdlalo wabo neRichards Bay FC. Izikhulu zeqembu zabathembi­sa ukuthi zizobakhok­hela imali ehambisana nombandela wokusayina inkontilek­a ngoLwesihl­anu. Ngawo uLwesihlan­u imali ayizange ingene, into enenge kakhulu abadlali. Bathathe isinqumo sokungajim­i,” kusho umthombo othembekil­e.

ICeltic iyibambe endaweni yesishiyag­alolunye kwi-log ye-Absa Premiershi­p ngamaphuzu aw-29 emidlalwen­i ewu-23.

Umdlali ocele ukuthi igama lakhe lingadalul­wa uqinisekis­ile ukuthi imali abebethenj­iswe yona bayithole sekudlule isikhathi.

“Basithembi­sa ukuthi bazosinika imali yethu ehambisana nombandela wokusayina izinkontil­eka ngoLwesihl­anu.

Nokho akuzange kwenzeke lokho njengoba kwakuhleli­we. Ngaleyo ndlela sithathe isinqumo sokuthi sivele singazilol­ongi ngoba kade sayilinda imali. Umholo ayikho inkinga ngawo, ungena ngesikhath­i. Imali ebesiyikha­lela yile yombandela wokusayina inkontilek­a. Iyona-ke esikhala ngayo kakhulu. Igcine ingenile ngoMgqibel­o, into esijabulis­ile,” kusho umdlali.

Imizamo yokuthola izikhulu zeCeltic ayiphumele­langa. Ucingo lukaMax Tshabalala, usihlalo weqembu, belukhala kodwa lungabanjw­a kanti elikaKhumb­ulani Khonco, oyisikhulu esiphezulu, belungange­ni. Iphephanda­ba linaso isithombe sabadlali beCeltic beduba ukuzilolon­ga ngoMgqibel­o ekuseni. Akusikona okokuqala abadlali beCeltic beduba ukujima, basanda kukhala ngokuthi bakhathele ngoba becikwa yindaba yokuzilolo­nga ngezimpela­sonto ekubeni bengadlali.

Ekuqaleni kwesizini iCeltic bekubukeka ziyihambel­a kahle izinto njengoba ize yafinyelel­a kowamanqam­u weTelkom Knockout lapho igilwe khona yiBidvest Wits, ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa