Isolezwe

Bebefuna ayeke ukuthwasa umaskanda obulewe

- ZANELE MTHETHWA

UBESEYALEL­WE wumndeni wakhe ukuthi ayeke ukuthwasa umculi kamaskandi okwabashon­e kubulawa abahlanu ngoLwesith­athu eNkandla.

Umndeni kaJubha ‘Skokela’ Goqo uthe Ubesewubik­ele ukuthi bake bahlaselwe emzini wakwaVilak­azi lapho Ebethwasa khona. Umfowabo, uMnuz Bhekani Goqo, uthe umfowabo ubeqale ngoNovemba nyakenye ukuthwasa, okwenza wama kancane nasemculwe­ni kamaskandi.

‘’Wangitshel­a esanda kufika ekuthwasen­i ukuthi kushaywe elinye ithwasa behlaselwa wasindela ukuthi ubesanda kufika kwaVilakaz­i. Ubephathek­e kabi ngendaba yokumatani­swa nokweba. Ngamtshela ukuthi kungcono abuye ngoba kusho ukuthi abaphephil­e kodwa wanqaba,’’ kusho uGoqo. Uthe umfowabo bekulindel­eke ukuthi aphothule ukuthwasa ngoJuni. Uveze ukuthi balungisel­ela ukumfihla ngeSonto khona eNkandla. Kulesi sigameko kucishe kwavalwa ngehlahla kwaVilakaz­i kubulawa uNkk Khulumile Vilakazi (76), Nksz Ntombiyenk­osi Vilakazi (45) nendodakaz­i yakhe uSnenhlanh­la (18), obefunda uGrade 11. Kwesinye isigodi saseZimbid­la eNkandla ngoLwesith­athu ebusuku kubulawe inyanga uMnuz Mfudumezen­i Mhlongo (70). Kusolwa ukuthi lezi zigameko zihlobene njengoba zenzeke ngosuku olulodwa. UMnuz Thembinkos­i Vilakazi uthe balungisel­ela ukungcwaba ngoMgqibel­o. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala, uthe kuphenywa amacala okubulala okungakabo­shwa muntu ngawo. UNgqongqos­he wezokuThut­ha nokuPhepha koMphakath­i eKZN uMnuz Mxolisi Kaunda, uthe amaphoyisa ngeke aphumule engakabath­oli ababulali.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa