Isolezwe

Zigwetshwe iminyaka izithandan­i ebezihushu­lisa izisu ngokungemt­hetho

- LUNGI LANGA

ZIGWETSHWE iminyaka emihlanu umuntu ngamunye izithandan­i zaseThekwi­ni ezazihushu­la abantu izisu ngokungemt­hetho.

Kuthiwa, u-Ahmed Katabazi (48) wase-Uganda nomkakhe, uBuyisiwe Vivian Sosibo (40) bagwetshwe yinkantolo yeMantshi yaseThekwi­ni iminyaka emihlanu umuntu ngamunye ngoLwesihl­anu olwedlule.

Kuthiwa babenesikh­ungo sokuhushul­a izisu esingekho emthethwen­i, kuDkt Pixley KaSeme (West Street).

Phambilini batholwa necala lokuba nebhizinis­i lokuhushul­a izisu ngaphandle kwemvume. Kuthiwa bazibiza ngamagama ahlukene, kokunye babezibiza ngoDkt Solomon, uDkt Adam noma uDkt Ndawo.

Lezi zithandani zavuma ukuthi bezihushul­a izisu benika amakhasime­nde amaphilisi afakwa esithweni sangasese naphuzwayo. Inkantolo ithe uma eseqede isigwebo uKatabazi uzobuyisel­wa kwelakubo.

UNgqongqos­he wezeMpilo KwaZuluNat­al uDkt Sibongisen­i Dhlomo usamukele isigwebo.

“SinguMnyan­go wezeMpilo KwaZuluNat­al siyasamuke­la isigwebo esikhishwe yinkantolo kulaba ababili abebenza lo msebenzi onobugeben­gu,” kusho uDhlomo.

Lo mnyango ube nemikhanka­so eyahlukene yokulwa nabahushul­a izisu ngokungekh­o emthethwen­i.

Kule mikhankaso kuvele ukuthi iTheku lihamba phambili ezibalweni zabantu besifazane abagcina benezinkin­ga ngenxa yokuzama ukuhushula izisu ngokungekh­o emthethwen­i.

Izibalo zakamuva zoMnyango zithi bangu-1101 abesifazan­e abazame ukushushul­a izisu baba nezinkinga. Abangu-69 kubona babe nezinkinga zesibeleth­o.

UDhlomo uthe babe nemikhanka­so yokuxebula amaphepha anamathise­lwe ezindongen­i nasezigxot­sheni akhangisa ngezinhlel­o zokuhushul­a izisu eziphephil­e, nezishibhi­le nezenzeka ngokushesh­a. Lezi zikhangiso zibekwa abantu abahushula izisu ngokungekh­o emthethwen­i.

Uthe umuntu ovunyelwe ukuhushula isisu, oqeqeshiwe. Nalowo muntu akavumelek­ile ukukwenza emakhoneni.

UDhlomo uthe lesi sigwebo kufanele sithumele umyalezo kwabasakwe­nza lokhu nabacabang­a ukukwenza.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa