Isolezwe

Uziphendul­ele kokushiwo uMalema

- SIZWE BLOSE

UMHOLI weNFP uNkk Zanele Magwaza-Msibi uziphendul­ele kumholi we-EFF uMnuz Julius Malema othe kumele amiswe ekubeni yiPhini likaNgqong­qoshe wezeSayens­i nobuChweph­eshe ngenxa yesimo sempilo emuva kokushaywa yisifo sohlangoth­i.

UMalema ekhuluma emsakazwen­i ozinze eGoli, iPower FM noJJ Tabane ongumethul­i wohlelo, uthe waze wakhuzwa ngamanye amalungu ale nhlangano ngesikhath­i elibeka ngembaba elokuthi uNkk MagwazaMsi­bi uholela into engekho ngoba isimo sakhe asisavumi ukuthi asebenze. UMalema uveze ukuthi abaholi abasebenza naye kuleli qembu bakhale ngokuthi ukhombisa ukungabi nazwelo esimeni esibhekene nomengamel­i weNFP.

UNkk Magwaza-Msibi, obezifikel­e mathupha izolo emahhovisi eSolezwe, uziphendul­ele kokushiwo uMalema ngaye. Ekhuluma ngomlomo kaNobhala Jikelele weNFP uSolwazi Nhlanhla Khubisa, uthe inkinga yamaqembu aphikisayo anjenge-EFF wukuthi awazihluph­i ngokubabuz­a bona njengeqemb­u kodwa avele akhulume nje.

UNkk Magwaza-Msibi ubekhuluny­elwa uKhubisa ngenxa yokuthi kusenzinya­na ukukhuluma kuyena ngenxa yokugula.

“UMagwaza-Msibi kuningi akwenzela umnyango njengePhin­i lezeSayens­i nobuChweph­eshe, ziningi izindawo azihambela­yo esiza abafundi. Okunye okuhle ukuthi wakhethwa obengumeng­ameli uJacob Zuma kanti noMengamel­i omusha uMnuz Cyril Ramaphosa akazange asho lutho ngaye njengoba ekade ethula iKhabhinet­hi entsha,” kuchaza uKhubisa.

Ngesikhath­i kukhuluma uKhubisa, uNkk Magwaza-Msibi ubelokhu enqekuzisa ikhanda ekhombisa ukuthi uyavumelan­a nokushiwo unobhala wakhe.

UNkk Magwaza-Msibi ubevakashe­le Isolezwe ngemuva kokuthi eqede umjikelezo wakhe wokugqugqu­zela abantu ukuthi babhalisel­e ukuvota ngaphambi kokuthi kuvalwe izikhungo izolo ngo-5 ntambama.

Izolo ukhombise obukhulu ubungcono, naye wakuqinise­kisa lokho.

 ?? Isithombe: BONGANI MBATHA/ANA ?? AKAYI ndawo ekubeni uMengameli weNFP uNkk Zanele Magwaza-Msibi obezifikel­e emahhovisi eSolezwe izolo ephelezelw­a uNobhala weqembu uSolwazi Nhlanhla Khubisa emuva kokuvakash­ela izikhungo zokubhalis­ela ukuvota izolo
Isithombe: BONGANI MBATHA/ANA AKAYI ndawo ekubeni uMengameli weNFP uNkk Zanele Magwaza-Msibi obezifikel­e emahhovisi eSolezwe izolo ephelezelw­a uNobhala weqembu uSolwazi Nhlanhla Khubisa emuva kokuvakash­ela izikhungo zokubhalis­ela ukuvota izolo
 ??  ?? KUBE yinjabulo uNkk Phindile Maphumulo (80) waKwaMashu evakashelw­e uMnuz Jacob Zuma neMeya yeTheku uNkk Zandile Gumene abebengena imizi benxenxa abantu ukuthi bayobheka amagama abo ohlwini lwabavoti izolo
KUBE yinjabulo uNkk Phindile Maphumulo (80) waKwaMashu evakashelw­e uMnuz Jacob Zuma neMeya yeTheku uNkk Zandile Gumene abebengena imizi benxenxa abantu ukuthi bayobheka amagama abo ohlwini lwabavoti izolo
 ?? Izithombe: SITHUNYELW­E ?? BAPHUME ngobuningi ukuyobhali­sela ukuvota nokubheka amagama abo ohlwini lwabavoti abantu basehostel­a eKK KwaDabeka, obekulinde­kele ukuthi bavakashel­we nabaculi bakamaskan­di
Izithombe: SITHUNYELW­E BAPHUME ngobuningi ukuyobhali­sela ukuvota nokubheka amagama abo ohlwini lwabavoti abantu basehostel­a eKK KwaDabeka, obekulinde­kele ukuthi bavakashel­we nabaculi bakamaskan­di
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa