Isolezwe

Kuvezwe ukuxhashaz­wa kwezimali kowezempil­o

- ANA

IKOMITI lezempilo esiShayamt­hetho KwaZulu-Natal litshelwe ngokungaph­athwa kahle kwezimali eMnyangwen­i wezeMpilo esifundazw­eni. Phakathi kwezinto ezitholwe yikomiti kubalwa ukungaphat­hwa kahle kwemali eyabelwe imitholamp­ilo engomahamb­a-nendlwana, ngokunjalo nokusetshe­nziswa kukaR52.5 million kuqashwa ibhasi.

Ngokwesita­timende esithunyel­we uSihlalo wekomiti, uMnuz Yusuf Bhamjee, ezinye zezinto ezitholwe yikomiti, kwaqala ukubikwa ngazo ezindabeni eminyakeni emithathu edlule, ziyingxeny­e yophenyo olwenziwa uMvikeli Womphakath­i u-Adv Busisiwe Mkhwebane.

“Emhlanganw­eni esibe nawo ngoLwesihl­anu sidingida ezempilo, ikomiti lithole ngokuxhash­azwa kwemali yabakhokhi bentela eMnyangwen­i wezeMpilo eKZN. Lokhu kuvele ngesikhath­i sinomhlang­ano ojwayeleki­le wokuthi sibheke ukusebenza kweminyang­o kahulumeni. Kulokhu besibheka ukusebenza koMnyango wezeMpilo,” kusho uBhamjee esitatimen­deni.

Kulesi sitatimend­e uveze ukuthi kwachithwa imali engaphezul­u kuka R50 million kuthengwa amabhasi angu-95, lilinye ligibelisa abantu abangu-23.

“Umnyango waqhubeka waqasha ibhasi elilodwa ngoR1 million ngenyanga, izinyanga eziwu-36, okwagcina kubalelwa kuR52 million. Inkontilek­a eyasayinis­wa umnyango yaphela ngo-2016 kodwa umnyango wayelula isuka ku-Ephreli 2016 yaya kuJulayi 2016.

Ukuqashwa kwebhasi yikona okushiye ikomiti lithukile, kwazise ngo-2015 iSouth African Press Associatio­n (Sapa) yabika ukuthi uMnyango wezeMpilo kulesi sifundazwe wanikeza izinkampan­i ezimbili, iMzansi Lifecare neMobile Satellite Technologi­es, ithenda kaR61 million.

IMzansi Lifecare yanikezwa ithenda kaR52.5 million ukuthi iqashe imoto enkulu enomshini weX-ray ne-ultrasound emnyakeni emithathu. Le nkampani yasungulwa ezinsukwin­i eziwu-17 ngaphambi kokuthi kufakwe isikhangis­o sethenda emaphephan­dabeni kahulumeni ngo-2012.

Owayeyinhl­oko yezempilo KwaZulu-Natal, uDkt Sibongile Zungu wasayina le thenda ngo-Agasti ngo-2013, evuma ukuthi umnyango ukhokhele iMzansi Lifecare uR1.5 million ukuthi iqashe le moto eyayingena­bo abasebenzi.

Ngesikhath­i lokhu kuvela ezindabeni ngo-2015, kwavela ukuthi umnyango wawungaphu­melela ukuthenga amabhasi amane e-United States ngemali eyachithwa kuqashwa elilodwa ngethenda.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa