Isolezwe

Bagezeke igilo ngezingoma zaMageza Amahle

- NOKUBONGWA PHENYANE

BAPHUME begezeke igilo abalandeli beqembu Amageza Amahle, ezindlini zomsakazo Ukhozi FM, kwaSABC M1 Studio, ngoMgqibel­o njengoba belizolale­lisa abalandeli balo izingoma ezizozwaka­la kwialbhamu yalo entsha ezophuma maduze.

Leli qembu lishaye imicu embalwa ethokozelw­e abaningi abebeze kulo mcimbi.

Umcimbi ubusakazwa bukhoma ohlelweni lukamaskan­di olwethulwa uBheka “BK” Mchunu noNkosinat­hi Mshengu, uSgiya Ngengoma.

Umholi weqembu uPotso Ngobese uthe, usuku luhambe ngendlela abebeyilin­dele.

“Kuza umcimbi omkhulu Indidane Maskandi Festival ozoba sekuqaleni kuka-Ephreli, enkundleni yezemidlal­o yasePomero­y la siyobe sihlonipha khona leli qhawe. Sibone kungcono ukuthi size kubalandel­i bethu sizobazwis­a izingoma abazozitho­la kwi-albhamu futhi sibanxuse ukuthi abeze kulo mcimbi wokuhlonip­ha iqhawe labo Indidane,” kusho uPontso.

Uthe indlela abajabule ngayo bebona kutheleka abalandeli babo ngamatekis­i ayichazeki.

“Siyabonga ngothando abalandeli bethu abalokhu besikhombi­sa lona,” kuchaza yena.

Abalandeli baleli qembu bebephume ngobuningi njengoba kuze kwaphoqa ukuthi onogada kulo msakazo bavale amasango abanye basala ngaphandle.

Ngisho ngaphakath­i lapho obekunomci­mbi khona bekuvalwe ngomuntu emnyango.

Kucacele ngisho izingane ukuthi abalandeli bayazifela ngezingoma ezintsha njengoba bebesukuma besina bekhombisa ukuzijabul­ela.

Kulo mcimbi leli qembu belidlala bukhoma.

Kuzokhumbu­leka ukuthi Amageza kube yiqembu lokuqala ukuthatha isicoco emcimbini weSolezwe, Ingqwele kaMaskandi ngonyaka odlule.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa